BAYAVEVA abantu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuqalwa kwepetition ezama ukuxoshisa omunye wosaziwayo emisebenzini ayenzayo. Lokhu kuza emuva komsindo obulokhu ukhona ngempelasonto uMihlali Ndamase esolwa ngokuba owesifazane ongenazwelo ngokuthandana nosomabhizinisi obeshadelwe uLeeroy Sidambe.
Lezi zinkulumo ziholele ekutheni noLeeroy agonyuluke akhulumele uMihlali ekhala nangokuthi akanacala ngokuthandana naye nokulandela imizwa yakhe. ULeeroy uveze ukuthi uthando lwabo aluhlangene nomshado wakhe ongasekho nobengunkosikazi wakhe. Lezi zinkinga zigcine ziholele ekutheni idlanzana labashadile abathile liqhamuke nomqondo wokuthi akusayinwe i-petition ezokwenza zonke izinkampani ezisebenza noMihlali zimxoshe.
UMusa Khawula ubavulele indlela nosekuholele ekuthenii-petition isayinwe abantu ababalelwa ngaphezulu kuka-1500 nokulindeleke ukuthi okungenani isibalo sifinyelele ku-5000 maduze.
"Abanye abantu bazonda uMihlali ngoba obaba babo bashiya onina baya kwabanye. Manje bakhiphela isibhongo kuMimi," kusho uLwaMandlane.
"Bakwethu sekungase kusetshenziswe i-petition ukucekela phansi umsebenzi womunye umuntu ngenxa yezothando. Wenzeni uMihlali? kungani kungasayinelwa ukulwa nabahlukumezi nababulali enihlala nibhala ngabo," kusho uBear Nella.
"Angikukholwa lokhu okwenzakayo nokuthi sebengaphezulu kuka-1000 abasayinile. Hhayi cha bandla sihlala nabathakathi abanenzondo eyisimanga. Kuyadumaza, angisiye ngisho umlandeli wakhe kodwa ngithemba ukuthi uzohlala ephumelela abadlisele ogageni," kusho u-Afrochique.