UKUBEKEZELA uthi yikhona okumbeke la ekhona uMageza Mbambo, ovule indawo yakhe yokudlela eMhlanga, iMushroom Lounge, esemgwaqeni omatasa uChartwell Drive.
UMageza, ongene shi nasemkhakheni wokuhlela imicimbi kamaskandi, uthi ukubekezela yikhona okumsize ukuthi athole ithuba lokuvula ibhizinisi kule ndawo njengoba kunguyena kuphela omnyama okhona kuyo.
Ekhuluma emcimbini wokuvula obugcwele osaziwayo, uveze ukuthi uyathemba izodonsa amehlo abantu abahlukene njengoba kuyo esebenze kakhulu nentsha emnyama ukuthi imenzele ibukeke kahle indawo yakhe.
“Bese kunesikhathi ngifuna ukuvula ibhizinisi kulo mgwaqo kodwa akubanga lula. Kukhona isikhathi la ngase ngithole omunye umlungu sasondelana naye, wangithatha ngelinye ilanga kukhona indawo evulekile kodwa yena bafike bamvulela ithuba mina bangichitha. Angikufakanga emoyeni okwenzeka kodwa kunalokho ngaqhubeka ngafuna ukuzama, ekugcineni abanye abelungu abasebenzela khona la babona ukuthi ngempela ngiyalifuna leli thuba, nakhu namhlanje sila,” kusho uMageza.
Uveze ukuthi inkolelo yakhe ukuthi ngisho intsha eqhamuka noma kuziphi izindawo zasemakhaya inikwe ithuba lokukhombisa amagalelo okwenza into enhle.
“Ngiyaziqhenya ngethimba engisebenze nalo okunguPapa G, Tina Mbambo noKhwezi Ndlovu. Kule ndawo-ke sithembisa ukudla okuphambili, umculo njengoba njalo ngoLwesihlanu kuzobe kudayiswa ukudla kwesintu,” kusho yena.
Kosaziwayo abebekhona kulo mcimbi singabala uTshatha, Morda Bongz, DJ Happygal, Nay Maps, Linda Majola, Brenda Mhlongo, LaChonco, Sithelo Shozi, Hope Mbhele, Lindelani Mkhize, Nelisiwe Sibiya, Deli Malinga, DJ Sjerere, Celeste Ntuli nabanye.