SEKUQUBUKE umbango omusha ngesidumbu sengwazi yemidlalo yeshashalazi engasekho, uDkt Mbongeni Ngema njengoba umndeni wayo uhlukene phakathi ngokuthi kwakumele angcwatshwe kuphi.
Isolezwe lithole ukuthi ozibiza ngomkaNgema, uNksz Yolanda Moncho namanye amalungu akwaNgema, sebeqashe ummeli u-Advocate Christopher Shabangu ukuba afake isicelo sokuba kumbiwe isidumbu saleli qhawe emathuneni aseHeroes' Acre, eRedhill, eThekwini, siyongcwatshwa kabusha lapho uNgema ayefuna ukufihlwa khona esigodini saseNhlwathi, kwaHlabisa.
UShabangu ucashunwe ethi kusesekuseni ukuthi angadingida lolu daba nemithombo yezindaba.
Labo abafuna lokho bazisekela ngokuthi umufi wakuveza lokho kwenye yezingoma zakhe ukuthi uma engasekho, uyofisa ukuba isidumbu sakhe siyofihlwa kubo eMfana (igama lomuzi wakubo).
Yize kunjalo kodwa umfowabo kaNgema, uNhlanhla ushaya phansi ngonyawo uthi ilanga lingawa licoshwe yizinkukhu uma kungenzeka lokho.
Uthe yena njengenhloko yozalo lukaMbongeni ngeke aze avume kwenziwe ichilo elihlaza uNgema.
"La mahlebezi ayangicasula futhi ayanginyanyisa. Thina njengomndeni asihlosile ukwenza into eyihlazo nobuqaba kubhuti wethu esimthandayo,“ kusho uNhlanhla.
UNhlanhla uthe abantu abacabanga ukuthi kwaNgema, eNhlwathi, ikwaMachangca, kwaMpunz’edl’emini, bashaye phansi kwashunqa uthuli ngoba bazimisele ngokubathathela izinyathelo zomthetho ukuze kuse inkungu kubo.
Uthe umufi ubeyindoda ewahloniphayo amasiko futhi ebinabantu emndenini ebikhuluma nabo ezinye izimfihlo zayo.
Eqhuba uthe ukungcwatshwa kukaNgema emathuneni aseRedhill kwaba yisinqumo esathathwa wumndeni wakhe ngenxa yokuthi wayengaseyena umuntukazana.
Mayelana nokuthi kunesinqumo senkantolo esaveza ukuthi uNgema ushone eyimpohlwa, uNhlanhla uthe akazani naleso sinqumo kodwa akwaziyo ukuthi uNgema ubeganwe ngokwesintu uNompumelelo, uMaGumede, njengoba azishaya zaphelela kubo.
Oyindodana kamfowabo kaNgema, uSabelo Ngema naye uthe la mahlebezi ayamcasula ngoba asehlukumeza umndeni.
USabelo, ongumsunguli weqembu i-Afro Soul, uthe la mahemuhemu awuhubhu lukabhejane.
"Ngithathe isinqumo sokuphumela obala ngalolu daba ngoba lubandakanya umndeni wami futhi lucekela phansi isithunzi sawo," kusho le liciko.
Lithe lona nomndeni wonke wakwaNgema abahlanganiswe yilutho nokumbiwa kwesidumbu sikababomncane wakhe.
USabelo ubuye wadalula ukuthi yena uyiciko elizimele futhi akagaqele lutho emafeni kamufi, okuyinto asesolwe ngayo ngumuntu mumbe.
"UDkt Ngema wangethula yena siqu emkhakheni wezokungcebeleka ngesikhathi ngiseneminyaka ewu-12 ngo-1992. Wabuye wangiqeqesha, wangipheka futhi wanginikeza imisebenzi emidlalweni yakhe.
“Ngiyilokhu engiyikho nje kungenxa yakhe futhi ngiyohlale ngimbonga ngezimfundiso nobuhlakani angipha khona.
“Ngiyamkweleta kakhulu ngokungicija kwakhe emunxeni wamabhizinisi njengoba angifaka ngaphansi kwekhwapha lakhe," kuqhuba uSabelo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela uMoncho, uPearl Maake KaNcube ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
USabelo uthe nomphakathi waseNhlwathi awukho mdibi nabaphansi phezulu nezinhlelo zokumba isidumbu sikamufi.
UNgema washona engozini yemoto eyamehlela ephuma emngcwabeni owawuseLusikisiki, e-Eastern Cape futhi wafihlwa ngoJanuwari kulo nyaka emuva kwenkonzo eyayise-ICC, eThekwini.