ABACULI bakamaskandi abasafufusa nabanezingoma ezisematheni, basethubeni lokuvelela baphinde baqashwe njengezingqungqulu emcimbini Umbuso wamaCiko Maskandi Festival ozoba seWorkshop, eThekwini, ngoSepthemba 28.
Lokhu kuvezwe wumsunguli walo mcimbi, uGeh Ngcobo. Uthe bavule ithuba lokuthi amaciko asafufusa avotelwe ngokuthi kuchofozwe u-Like ezithombeni zabo ekhasini i-Gezani Media Productions ukuze bazibeke ethubeni lokuthi baqashwe njengabaculi abahlonishwayo kulo mcimbi.
“Lokhu sikwenze ngenhloso yokuthi sinike abaculi abasebasha ithuba lokuthi bahlonipheke njengabaculi asebedumile. Emicimbini eminingi abaculi abasafufusa kuvamise kuthiwe abafike bezoziveza bangakhokhelwa. Lokho sikubona kungukudlala ngabaculi ngoba umculo uyibhizinisi. Kwabathathu abazohamba phambili ngamavoti kulaba abavotelwayo kumanje kwi-Facebook bazoqashwa ngokugcwele. Nabangaphumelelanga kodwa abasondele ngamavoti, uma sivumelana ngokuthi beze emcimbini ngeke singabaniki imali kaphethroli wabo,” kusho uGeh.
Uthe okwamanje abaculi abasahamba phambili ngokuvotelwa kakhulu kwi-Facebook wuGcabashe, Umnyovu noMaganga.
Abanye abakhona kwabavotelwayo wuDizasta, Isitha sama-Ex, G Jealous, AmaQuality, Mayonnaise Cebisa, DJ Nzule, Two Ocean, Zandlezinhle noMatollgate.
UGeh uthe njengoba kuza uMbuso wamaCiko Maskandi Festival sebebuyise neMaskandi Fridays lapho beqopha khona omaskanda bekhuluma ngemisebenzi yabo.
“Kukhona omaskanda abasuke besafuna ukuvelela endimeni yomculo esibanika ithuba ngeMaskandi Fridays. Siyabaqopha bese besakazwa ekhasini leFacebook iGezani Media Productions. Siphinde silande nezinkakha ukuzokhuluma ngomsebenzi wazo ngokunjalo nalaba abake bavelela kodwa babuye bacwila. Lokhu kusuke kuyindlela yokubabuyisa ukuthi baqhubeke nokusebenza,” usho kanje.
Umbuso wamaCiko Maskandi Festival ngeminye yemicimbi kamaskandi emikhulukazi nowaqhamuka neqhinga lokuthi kungenwe mahhala kuwona. Kusuke kuqashwe bonke abaculi bakamaskandi abathandwayo nabasafufusa kodwa usuke uvulelekile ukuthi abantu bazozitika ngomculo mahhala. Nakulo nyaka kuzobe kungenwa mahhala kuwona.