IDUME ngodlame nokuchhitheka kwegazi imboni yamatekisi kodwa uSakhile Biyela uthi kukhona okuhle kuyo.
Lo somatekisi uyingxenye yohlelo olusha lweMzansi Magic oluthi Imboni Yamatekisi, oluzodlala ngoLwesithathu, ngo-8 ebusuku. USakhile ungowaseBhukhanana, eMpangeni.
Yize ekuthakasela ukuba yingxenye yalolu hlelo kodwa uthi inhliziyo yakhe isopha njengoba esanda kushiywa yiwele lakhe uLindokuhle, athi ukwendela kwakhe koyisemkhulu kumise izinhlelo abebenazo.
“Bekuyinto esiyithandayo ukuthi sibe negama endimeni yobumnandi ngenxa yokuthi sisemculweni futhi sinenkampani eqopha abaculi, iQhude Music. Kulolu hlelo sizogqamisa impilo yethu nomsebenzi wethu embonini yamatekisi, kuyajabulisa ukuxoxa ngale mboni. Abaningi bayibona sengathi ngeyezixhwanguxhwangu kanti cha, sondla imindeni futhi sisize neminye ngoba singabantu abajwayele ukwelula isandla emphakathini,” kuchaza uSakhile.
Uqhube wathi uhlelo luzovula ngezindaba zokudlula emhlabeni kwewele lakhe.
“Bazombona kancane umfowethu ngaphambi kukuthi kuvele isimo sokudlula kwakhe emhlabeni. Kwangiphazamisa impela ngakhetha ukuzimisa ezinye izinto. Kephaa-ke impilo iyaqhubeka. Ngizimisele ukuxoxela abantu bakuleli ngale mboni. Sizochaza ngokwenzeka embonini esikuyo usuku nosuku,” kuchaza uZakhele.
Kulolu hlelo kuzobonakala noNthabiseng Keroane waseGoli, ongumfelokazi nowangena kuleli bhizinisi, ngemva kokushona komyeni wakhe.
Omunye nguSabelo Ndaba waseMpumalanga, ohamba ngesihlalo esinamasondo kanti walimala esebenza kuyona imboni yamatekisi.
UShirley Adonisi wakwiM-Net, uthe bayaqhubeka nokukhombisa izinhlelo ezisezingeni futhi baxoxa ngezindaba ezihlukile ukuze banikeze ababukeli izinto abangakaze bazibone phambilini.
"Imboni yamatekisi ingenye yezihamba phambili kuleli uma kukhulunywa ngomnotho. Kuncane abantu bakuleli abakwaziyo ngabanikazi bamatekisi asebezakhele igama kulo mkhakha. Eminyakeni edlule besilokhu sikhulisa izinhlelo zethu sibheka imikhakha ehlukene, nalo wamatekisi ebesingeke siwubalekele,“ kusho uShirley.
Uthe kabangabazi ukuthi uhlelo luzodonsa amehlo abantu abaningi futhi luzobayintandokazi.