KWETHULWE olunye uhlelo olugxile kwabesifazane abashadile, lapho bezokhombisa ngezinto abazenzayo empilweni.
Uhlelo luzokhonjiswa esiteshini sethelevishini i-1Magic, lubizwa ngokuthi yiThe Real Housewives of Gqeberha (RHOGQ).
Uhlelo iRHOGQ luqoshelwe eGqeberha nakwezinye izindawo ezakhelene i-Eastern Cape, luzoqala ukukhonjiswa ngoFebhuwari 3, ngo-8.30ebusuku.
Luzogxila kwabesifazane abahlanu abangamakhosikazi, okungoNorma Nicol ongumhleli wemicimbi, Buli G Ngomane usomabhizinisi oke wangenela ama-Idols, Liz Prins ongumfelokazi okhonze ukuzivocavoca, Unathi Faku umnikazi wendawo yokucwala izinwele oshade nowayeyimeya, no-Ashleigh Mather ongumsiki wengqephu.
Echaza ngohlelo umqondisi wezinhlelo zobumnandi ezivutshelwe kuleli kwaM-Net, uShirley Adonisi, uthe nakuba abesifazane abahlanu benokuningi okufanayo kodwa zikhona nezinto ezenza behluke futhi yizo ezizokwenza uhlelo lubemnandi.
“Kusukela ngo-2017 siqala ukwenza izinhlelo eziveza impilo yamakhosikazi ahlala emizini yawo, ababukeli bethu bakhombise ukukuthakasela kakhulu abakubonile.
“Isiqephu, nesiqephu sezinhlelo, sihlale siba wundabamlonyeni kubabukeli, kukhulunywe ngaso nasezinkundleni zokuxhumana.
“Sijabule ngokuqhubekela edolobheni iGqeberha, sivezele ababukeli bethu ubuso obusha. Sesikubheke ngabomvu ukubona ukuthi bazolwamukela kanjani,” kuchaza u-Adonisi.
Izinhlelo zeThe Real Housewives zisatshalaliswa yiNBC Universal Format seyingxenye ye-Universal International Studios, kokubili okungaphansi kwe-Universal Group.
I-The Real Housewives of Gqeberha, iwuhlelo lwesihlanu ukwethulwa kuleli, ibe ngolwesikhombisa e-Afrika, yonkana.