UMCULI kamaskandi ozakhele udumo ohlelweni lwethelevishini Umnakwethu, uthi ubengeke akwazi ukugwema ukukhulelisa umzala kankosikazi wakhe omncane. Uthi yiwona umndeni omvulele isibaya sawo.
UQondanisa usematheni kulezi zinsuku ngemva kokuvela kwezindaba zokuthi ukhulelise uJuba, ongumzala kaSamantha Mazibuko, oyingoduso yakhe yesithathu.
Ebuzwa ngezindaba uQondanisa, uthe ngeke ayikhiphe ngisho inhlawulo yokukhulelisa umzala wengoduso yakhe.
“Okuzodala ukuthi ngingayihlawuli ingane kungenxa yokuthi iningi imali yelobolo engayikhokha kaMazibuko. Uma befuna inhlawulo kuzomele bathathe khona elobolweni lami elihleli khona ngoba anginazo izinhlelo zokuthi bayibuyise.
“Ngebhadi uSamantha ukhuleliswe enye indoda ebe egane mina, okuyinto esiyaziwa njengoba imiphumela yaveza ukuthi ingane akuyona eyami. Mina ngisebenzisa umthetho omdala wokuthi unkosikazi akaliwa ngoba uSamantha ngisambala ebantwini abangiganile kodwa akukho okusihlanganisa naye kangako,” kuchaza uQondanisa.
Uthe ulinde ukuthi umndeni usho ukuthi uyayifuna yini inhlawulo bese eyawutshela ukuthi awuthathe ezinkomeni ezalobola uSamantha.
Uqhube wathi uJuba umzala kaSamantha, nguyena obemduduza uma ezombheka ingoduso yakhe kepha angayifici.
“Ubehlala engizwela njalo uJuba uma ngifika singasamtholi umzala wakhe. Kuze kwaphoqa ukuthi nami ngikhombise ubunsizwa ngoba anginayo inkinga yokuqonywa. Kanti uJuba uzomane angivulele ngempela amathanga. Bengingasakhathazeki uma ngizobheka uSamantha ngingamfici, ngifike ngizihlalele kamnandi nomzala wakhe,” usho kanje.
Unkosikazi kaQondisa omdala uMaMchunu, uvele kulolu hlelo ekhala ngokuthi usekhathele nguyena, wathi kungcono bahlukane. Bekuhlula ngisho emncenga uQondanisa, athi akasayingeni indaba yakhe ngenxa yesenzo sakhe.
Ebuzwa ngodaba lukaMaMchunu, uthe impela banezinkinga njengamanje ngemva kwalesi sigameko.
“Sisazama ukulungisa izinto naye kodwa isimo asisihle impela. Ngikholwa ukuthi wenziwa ukuthi usadiniwe, angikholwa ukuthi angangishiya ngempela ngenxa yokuthi sisuka kude kabi naye. Uyena umuntu engimhlonipha kakhulu nengeke ngilenze iphutha lokuthi ngilale nodadewabo noma ngabe kukhona ongifuna embhedeni,” kusho umaskandi.
UQondanisa uthe uJuba ungowesine esithenjini sakhe ngoba kunoMaMchunu omdala, kube uMaZwane ongajwayele ukuvela ohlelweni, bese kuba nguSamantha ongowesithathu.