UMCULI we-kwaito, uL’vovo Derrango, uthi odokotela yibona abamyalele ukuthi akakakulungeli ukuba sesiteji, ajabulise abalandeli bakhe.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma neSolezwe ngemuva kokuphuma kwesitatimende esiveze ukuthi usethathe isinqumo sokuhoxa emcimbini obhekwe ngabomvu eThekwini, iCotton Festival, ezokuba ngoJulayi 2, eKings Park.
UL’vovo uthe odokotela baveze ukuthi ukudansa kungaba iyona ingqinamba enkulu engaholela ekutheni athinte amalunga omzimba angakalulami kahle.
“Impilo kimi iyona ebaluleke kakhulu. Bengikubheke ngabomvu ukuba yingxenye yalo mcimbi kodwa ke akwangenzeka. Bangitshele ukuthi isikhathi okungenzeka singabe sesilungile kula koSepthemba.
“Ngakho ngibe nengxoxo nabahleli balo mcimbi ngabachazela futhi ngabatshela ukuthi nangonyaka ozayo kusenesikhathi, ngiyojabula ukuba semcimbini ofana nalona,” kusho uL’vovo.
Isitatimende esithunyelwe imenenja yakhe ngaphansi kwenkampani iYebophela Entertainment sithi, “Lezi zinyanga zibe ngezinzima empilweni yami, ngibone kufanele ukuthi ngizinakekele ngokubeka impilo yami phambili. Ngibonga ukwesekwa ngabalandeli bami ngokunjalo nabangani. Ngilokhu ngixhumana nodokotela wami, ongiluleke ngokuthi angithathe izinto kancane kancane, kuze kube ngilulama ngokuphelele,” kusho uL’vovo esitatimendeni.
Uthe ngemuva kwale ngxoxo ende nodokokotela wakhe, ube esethatha isinqumo sokuthi ahoxe kwi-Cotton Festival. UL’vovo owadumo ngezingoma ezifana noBayangisukela, Resista, Inamandla nezinye, ube esexolisa nakubalandeli bakhe ngalesi sinqumo sakhe.
“Ngifisa sengathi umcimbi wonke ungahamba kahle,” kuphetha uL’vovo.
Ebuzwa ukuthi ayisekho yini inkampani yakhe iDerrango Records, uL’vovo uthe le nkampani ekhiphe isitatimende eyemenenja yakhe kodwa inkampani yakhe isekhona, iyasebenza.
UL’vovo uke waba sengozini yemoto waphinda washaywa isifo sohlangothi, ululamela ekhaya.
Uhoxa nje kulo mcimbi, intsha ewuhambelayo beyishaya amakhala, ibuza ukuthi uyaphi uL’vovo, uDJ Bongz kanjalo noProfessor? Beyikhala ngokuthi badala, kanti lo mcimbi owayo njengabantu abasha.