"NGIYAKUPHIMISELA! Bathi umlomo uyadala. Ngizoba ngesokuqala ngqa isitabane sokuba sime ePhalamende, sithi 'NgiwuMkhonto mina.' Sengishilo Nxamalala, ngiphakathi," kusho uSabelo "Ntombeningi" Sithole owethula umgosi ohlelweni lukaMandla "Njinji" Magwaza iTop 20 kuKhozi FM ngoMgqibelo. UNtombeningi ubekhuluma embuthanweni woMkhonto Wesizwe nabelaphi bendabuko eMaphephetheni, eNdwedwe muva nje.
"Anginamahloni. Sekukuwena. NgiwuMkhonto mina noma ngingaxoshwa ekuseni Nkosi yami emsakazweni, anginandaba. Ekugcineni silwela amalungelo ethu nokuthi kungadlalwa ngathi size sibone."
UNtombeningi uthe abantu abaningi bayamazi ngoba ungomunye wabasakazi boKhozi FM.
"Amaciko amaningi azifihlile, ayasaba ukuphumela obala (ekubeni) ephila ngaphansi kwengcindezi."
Uqhubekile umfo kaSithole wathi noma angavuka sekuthiwa uxoshiwe oKhozini kodwa akanandaba ngoba uyobe efela iqiniso. Unxuse bonke abantu abathandana nabanobulili obufana nobabo ukuba bavotele iMK Party yize ethe wezwa ngomunye uzakwabo oKhozini ukuthi abantu abangaphansi kweLGBTQ+ abafuneki kwiMK Party.
Ucelele abantu abathandana nabanobulili obufana nobabo kanye nabantu besifazane ukuba bangahlukunyezwa njengoba kwenzeka kuhulumeni wentando yabantu.
Eziphendulela umholi weMK Party, uMnuz Jacob Zuma, uthe inhlangano yabo ayikhethi bala lamuntu.
"Umkhonto Wesizwe ujoyinwa ngabantu baseNingizimu Afrika. Awukhethi bala. Nakancane nje. Ojoyinayo uyajoyina. Asimbuzi ipasi nesipesheli. Asimbuzi ukuthi ungubani. Asinankinga. Sijabula kabi thina ukuba nelungu lethu eliqotho njengawe, elisebenza ezindaweni eziphezulu kangaka, emsakazweni."
Esephetha uZuma uthe akakhululeke uNtombeningi ajoyine iMK nabangani bakhe.
Ngo-2006, eseyiPhini likaMengameli we-ANC, uZuma wake wathinta iziqandu ezinhlanganweni ezilwela amalungelo abantu ngesikhathi egxeka ukushadana kwabantu abanobulili obufana nobabo futhi waze wathi kuyihlazo naphambi kukaNkulunkulu. Akagcinanga lapho, waze wathi “ngesikhathi ngisakhula wayengeke ame phambi kwami ungqingili” kodwa wabuye waxolisa.