INSIZWA yaKwaMashu kwa-K, ezobonakala emdlalweni Ushaka-Ilembe uNtando Zondi (15), ithe ngeke isabheka emuva njengoba isingenile emkhakheni wokulingisa ebisathi iyacathula kuwo.
UNtando ungomunye wabalingisi abasha abazobonakala belingisa kulo mdlalo ozoqala ngeSonto elizayo kuMzansi Magic (161), ngo 8 ebusuku.
Kuwona uzobe elingisa indawo kaShaka osemncane, elingisa nabalingisi abafana noNomzamo Mbatha (Nandi) noSenzo Radebe (Senzangakhona).
Ekhuluma neSolezwe, uNtando ongomunye wabalingisi abebehambele ukukhonjiswa kwesiqephu sokuqala salo mdlalo KwaMashu ehambisana nabanye abalingisi bawo, uthe akakholwa namanje okwenzeka empilweni yakhe.
“Ukulingisa into ebengiyenza vele nabangani bami, bese sithatha ama-video ethu siwafake kwiYouTube. Ngezwa ngomunye usisi osebenza esikhungweni samaciko iK-Cap ukuthi kuthungathwa umlingisi ozodlala indawo kaShaka omncane. Ngahambela inhlolokhono ngiyozama inhlanhla, yize umama ayengayizwa leyo nto kodwa namhlanje ujabule ngendlela eyisimanga uyaziqhenya ngami,” kusho uNtando.
Uthe ukuba yingxenye yalo mdlalo kumenza aziqhenye ngethalente lakhe futhi akakholwa ukuthi ulapho ekhona manje.
“Ukuthi ngithi ngiqala nje kulo mkhakha sengisebenza nabantu abanamava ekulingiseni abafana noNomzamo Mbatha kuyajabulisa. Ngibe nesikhathi esimnandi kakhulu, futhi manje akukho okusengangiphindisela emuva, ngiya kude nokulingisa, njengoba ngisho ontanga yami abasazama emalokishini bangayeki uma isikhathi sakho sesifikile ngeke uze uvinjwe muntu,” kusho uNtando.
Uveze ukuthi indawo yakhe izoveza ukuthi uShaka, wakhula kanjani, nokuthi ukulwa nokuhola wakufunda kanjani, nokuyinto naye emvule amehlo.