INTOKAZI yaKwaNdengezi, uPearl Thusi, ithi ukuthola ithuba lokuqopha uhlelo ngempilo yayo, kuzophenya ikhasi abantu abangalazi ngayo ngoba ingumuntu ongakwazi ukufihla.
UPearl uchaza kanje ngoba ngoNovemba 9, ngo-7.30 ebusuku kuBET (Channel 129), kuzoqala uhlelo oluthi The Real Black Pearl.
Echaza ngalo uthe kumthathe iminyaka eminingi ukulwenza ngoba umndeni wakhe ubungayizwa indaba yokuthi enze uhlelo olungena shi empilweni yakhe, ngisho yangasese.
“Lolu hlelo lusondele enhliziyweni yami ngoba ngempela yilapho abantu bezongazi khona. Ngiyazi ukuthi kudala ngaba khona endimeni yobumnandi kodwa abantu kukhona akade bengakwazi ngami nabazokubona manje. Abantu bazobona ngijabule, ngizikhandla emisebenzini engiyenzayo. Okunye abazokubona, wukuthi ngizihlanganisa nabantu ukuze ngikhule kunoma yini engisuke ngiyenza,” kuchaza uPearl.
Uthe okunye abalandeli bakhe afuna bakulindele ohlelweni ukuthi lithini iqiniso lakhe ngezindaba ezihlukene okuke kwabikwa ngazo emithonjeni yezindaba.
"Umuntu kuhlale kukhulunywa ngaye emaphephandabeni nasezinkundleni zokuxhumana. Kodwa abantu kukancane bezwa ukuphawula kwami ngalokho. Lapha bazozwa ubuqiniso bezindaba eziningi ezivele ngami ngaba undabamlonyeni. Okumele abantu bakwazi ukuthi nami ngifana nabo ohambweni lwami lempilo, angifuni ukuba umuntu okungathi akanamaphutha ngoba ayingxenye yempilo. Zizovela nezinkinga ezingikhungethe nalezo esengike ngabhekana nazo abantu abangazazi. Ezinye zazo ezingenze ngasondela kakhulu kubantu engisebenza nabo nomndeni wami,“ kuchaza yena.
Uthe ngokuqopha uhlelo lwalolu hlobo uzibone ekhulile futhi wazithola ukuthi ungubani.
Uveze ukuthi akufisayo ngalo ukuthi lukhuthaze abanye futhi bazithole ukuthi bangobani.
Kwabazogqama ohlelweni uthe indondakazi yakhe uThando, nebhekene nezingqinamba zokuba intombazane esikhulile, imenenja yakhe uTank nozakwabo endimeni akuyo okubalwa kubo uNadia Nakai, Reason noGert-Johan Coetzee.