LUGOBILE uphondo kumculi kamaskandi obekukhala umhleli woMgungundlovu Maskandi Festival ngaye ukuthi ubaleka no-R7500 amkhokhela wona ukuzonandisa emcimbini wangafika.
UKhetho Latha ongumhleli walo mcimbi, wayeqashe uNjoko “IHobosha” Mbambo emcimbini wakhe ngo-2019 wagcina engafikanga.
Ubesethathe isinqumo sokumfaka kubameli esebizelwa nasenkantolo njengoba ethe sekuneminyaka ezama ukucela uNjoko ukuthi abuyise imali yakhe ngoba wagcina engafikanga emcimbini.
Kunokuthi abuyise imali uNjoko ubevele adelele uLatha ashiye angalazi emchapha nangenhlamba.
ULatha uthe babe nesivumelwano sokukhokhelana emva kokuthi ummeli wakhe (Latha) efonele uNjoko emazisa ngobungozi becala abhekene nalo uma engakhokhi.
“Ugcine ebuyise impendulo ecela uxolo, wathi imali uzoyifaka ngoJulayi 2. Ungitshele ukuthi usalinde u-R100 000 wakhe kwiKhuphuka Nezakho athe uzoze ungene ngoJulayi 2. Uma kungukuthi akakwenzi lokho uzophinde abhekane nengalo yomthetho. Ufonelwe wummeli wami embizela enkantolo. Umazisile ukuthi uma kungukuthi akafiki enkantolo ngosuku azobizwa ngalo kuzophoqeleka ukuthi kukhishwe incwadi yokuthi aboshwe. Ubezophoxeka ngoba uma sekuphume incwadi ubengaboshwa ngisho esesteji enandisa. Wazisiwe nokuthi uma ehlulwa ecaleni nezindleko zabameli zizokhokhwa uyena,” kusho uLatha.
Leli phephandaba linabo ubufakazi bemiyalezo lapho uNjoko ebezivumela khona ukuthi uzokhokha ngoJulayi 2.
Kule miyalezo ubengasafuni nokuthi kuxoxwe kakhulu ecela ukuthi athunyelelwe i-account ukuze kuthi uma kungena imali akhokhele uLatha.
ULatha uthe bekungeke kufike kulesi simo ukube uNjoko ubebambisana naye. Uthe wake wamcela ukuthi azonandisa komunye umcimbi angabe esayibuyisa imali abemkweleta yona kodwa nakhona wavele wangafika. Uqhube wathu kwahlula noma esemfonela ebuza ukuthi akafiki ngani kodwa avele anyuke ngengalo kuyena.