BATHEMBISA ukungasiphoxi isifundazwe abaqhamuka kuso uSena Mkhwanazi noNkosi King Teresa okuyibona abayithemba lokugcina laKwaZulu-Natal, ohlelweni ama-Idols SA.
Laba bobabili bayingxenye yabayishumi abazoqhudelana kulolu hlelo njengoba ngoMgqibelo kumenyezelwe abayishumi oyedwa kubo ozothatha isicoco sokugcina salolu hlelo njengoba kuphethwa ngalesizini yesi-19.
Ekhuluma neSolezwe uNkosi waseMalukazi, uthe akazi ukuthi angayichaza kanjani injabulo anayo njengoba abantu bengazi la asuka khona.
“Ukufezeka kwephupho leminyaka lokhu okwenzekile. Bengingaqali ukuba yingxenye yalolu hlelo njengoba ngangiyingxenye yesizini yesi-17 futhi ngaphuma esigabeni esaziwa ngeTheatre Week. Kuwumthwalo kakhulu ukuthi sibe la sikhona sino Sena. Siyacela ukuthi abantu basivotele ngoba ayikho enye indlela esingafinyelela ngayo ekugcineni kwalolu hlelo futhi omunye wethu athathe isicoco sokugcina salo nyaka. Siyanxusa ukuthi wonke umuntu athole ithuba avote,” kusho uNkosi.
Uthe uyalibonga nethuba nokusebenza kanzima kwethimba ebelihlanganisa lolu hlelo ngoba libenze bagqama, bakhombisa amathalente abo.
“Ithalente lethu liyadinga ukuthi lithuthukiswe laziwe nangabanye abantu kuleli ngakho lolu hlelo belusho lukhulu kwabaningi kithi ikakhulu intsha,” kuchaza yena.
USena waseMlaza kwa-AA, uthe wayesemncane ngesikhathi engena kulolu hlelo kodwa manje ujabule ukuthi aphinde athole leli thuba.
“Yize kungelula ukwenza umsebenzi abantu abasuke sebesibona sesiwethula kuthelevishini, siyacela ukuthi abantu baziphathe kahle ezinkundleni zokuxhumana, sisebenza kanzima siyacela uxhaso singagxekwa. Into nje okumele bagxile kuyo ukusivotela. Umsindo awungabi bikho uma kuziwa ekuvoteni abantu abavote ngempela, ukuze siqhubekele phambili siphakamise isifundazwe sethu,” kusho uSena.
Uthe naye uyabonga kulona lonke ithimba ngokubanika ithuba futhi kubuhlungu ukuthi isizini yokugcina le.
“Nakanjani abanye akade benethemba lokuthi bayoba yingxenye yalolu hlelo, manje badidekile ukuthi baye kuphi. Thina nje sonke esilitholile ithuba sisizakele kakhulu futhi siyabonga,” kuchaza yena.
Kulolu hlelo manje kusele uLungile, Faith, Niikiey, Envic, Princess, Thabo, Lungelo noThando.
Abaphumile ngoMgqibelo kukhona uNeve noSipho.