UBONA eya kude nomculo njengoba efuna ukusebenza nabantu abafana noSjava noMnqobi Yazo, uSbusiso Msomi odume ngelikaVocalwise emculweni.
UVocalwise usanda kukhipha ingoma yakhe ethi Ugodo nathi ukuyibona yenza kahle ezindaweni ezidayisa umculo, kumnike ithemba.
Uthe akaqali ukukhipha izingoma njengoba eke wakhipha i-EP ethi, Ujeke nenye ethi, Isiqale La asebenze kuyo namaciko ahlukene asafufusa.
Ekhuluma neSolezwe, uthe ukukhulela eNanda okuyilokishi elidume ngobungebengu akumenzanga wangafuna ukufeza iphupho lakhe.
“Akubanga nzima kimi ukungena kulo mkhakha ngoba kwavuleka ithuba ngifunda u-matric. Ngangena emkhakheni wokulingisa esiteji ngaze ngasebenza nesikhungo iDurban Academy, sicula silingisa esiteji. Ngahambela amazwe ahlukene ngaze ngaya naseLos Angeles lapho esafike sawina khona. Ekubuyeni kwami ngagxila emculweni ngaqala ngasebenza nabantu abahlukene ngakhipha i-EP nezinye izingoma,” kuchaza uVocalwise.
Uthe ingoma asanda kuyikhipha imjabulisile njengoba idlala eziteshini ezehlukene zomsakazo nokuyinto abengayilindele.
Uveze ukuthi ingoma ikhuluma ngokuthi umuntu kumele azithembe kanjani uma enza into ethinta noma yini uma nje izomphumelelisa.
Iyatholakala kuzona zonke izitolo ezidayisa umculo.
“Umyalezo engingawushiya nentsha owokuthi ingazibekeli umgomo wokuthi izohamba igcine kuphi namakhono enawo. Mina emculweni ngenza owehip-hop ne-Afro pop, lokhu ngibona kungangivulela amathuba ahlukene ngisho nawokubonakala nabaculi abanegama,” kuchaza yena.