OMUNYE wabaculi abadumile bowokholo usejoyine ibandla elikhulukazi leZayoni, Isibusiso iBandla leNkosi Baptist Church in Zion of Southern Africa okuyinto athi uyifanisa nesibusiso esikhulu kuyena.
Lo mculi uNtombifuthi Shongwe odume kakhulu ngelikaMamumkhokheli, uthi uthathe lesi sinqumo sokujoyina leli bandla ngemuva kokuba ebonile ukuthi kuningi okuhle elikwenzayo.
Leli bandla alijoyinile liholwa nguMbhishobhi Phumlani Dlamini.
Lo mculi usezakhele udumo olukhulu uma kukhulunywa ngomculo waseZayoni.
Wazakhela udumo olukhulu esacula neGalathiya ngo-2006 ngengoma eyaduma eyayisihloko sithi Imali yomntwana.
Waqopha umlando ngokuthi abe ngumuntu wokuqala wesifazane waseZayoni ukucula ngayedwana kulo luhlobo lomculo othathwa njengowamakhwaya akuleli bandla.
Icwecwe lakhe elalisihloko sithi Bonke Abamethembayo. laduma kakhulu.
Ngaleli cwecwe waze waqokelwa kwizindondo ezinkulu kuleli okungama Sama Awards.
Uthi kulo nyaka uzokhipha icwecwe lesine nalo akholwa wukuthi lizokwenza umehluko omkhulu ezimpilweni zabantu.
UMbhishobhi Dlamini uthi babambe ufishi omkhulu ngokujoyinwa wumculi osemnkantshubovu njengalona.
Uthe kusho lukhulu kuleli bandla njengoba nalo liwugqamisa kakhulu umculo waseZayoni, okuzolithuthukisa nasemculweni.
UDlamini uthe ukuba khona kwalo mculi kuzogqugquzela nabanye abathandi bomculo kuleli bandla, bese kudlondlobala noweZayoni kunakuqala.