UNGAPHUTHELWA wumcimbi wokwethulwa kwencwadi ethi Idlozi, ebhalwe nguNomkhubulwane Sangweni Africa.
Kuhlelwe ukuthi umcimbi uqale ngo-11 ekuseni uphele ngo-2 ntambama ngoJuni 17, eJoburg Theatre, eGoli.
Kuboshelwe izinhlelo ezihlukene zokuthokozisa izithameli, okuhlanganisa ukudla, nomculo.
Kuzoba nezikhulumi ezizogxila ekuqhakambiseni okomdabu, nokwendabuko ngenhloso yokuhlomisa abantu ngolwazi oluphusileyo.
Ngokwesitatimende, inhloso kaNomkhubulwane yokubhala incwadi wukuqeda ukudideka ebantwini, nokubakhanyisela ngenkolo nemimoya yase-Afrika. Ufisa ukuthi incwadi isize abantu abaningi futhi icisele abanesiphiwo semimoya yendabuko yase-Afrika, igqugquzele ukubuyisana phakathi kwemindeni, ibenegalelo ekwakheni imiphakathi enenqubekela phambili.
Kugqugquzelwa abazohambela umcimbi ukuthi bagqoke ezase-Afrika, bashuqule amaduku. Ukungena kubiza uR500 umuntu emunye kanti kuhlanganisa ukudla, umculo kanye nencwadi.
Labo abafuna ukukhangisa ngemikhiqizo yabo ehambisana nendabuko yase-Afrika, bakhokha uR1500.
Uma ufuna eminye imininingwane ungaxhumana no-Antoinette kwethi: 076 583 4786 ; [email protected] noma +27 76 583 4786
Nomkhubulwane Sangweni Africa 0693919488 noma [email protected]