KWETHULWA ifestiveli yokuqala yomculo wetende nonyaka ngeTende Gospel Music Festival, ezoba seThe Station Urban Events, eThekwini ngoNovemba 3.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uGa Ndlela ongumculi wowokholo, uthe kuyoze kuse emnyango kukhala uphiyano kudunyiswa ngomculo wetende. Umcimbi uzoqala ngo-6 ntambama kuze kuse ekuseni.
Kubaculi ababoshelwe kukhona uThobekile Sdudla seTheku, PS Sebe Nzuza, Sphelele Shazi, Mjiyakho, Nokulunga Mazwide Ndlela, Mzie Ngcobo Amohelang Nkholise, Syon Thabethe, Zamani Sithole, Zandile Thilela, Dulas Mntungwa, Mevana, Sbu Shange nabanye.
“Umculo wetende ungomunye wesahamba phambili njengamanje emabandleni ehlukene. Yize kungathi awugqamile emphakathini kodwa amabandla amaningi asakolelwa kuwona futhi iwona osebenzayo ngezikhathi zenkonzo. Ngokunjalo nabaculi bawo sebebaningi kakhulu abavelele kuwona. Ikhona ukuthi abagqamile emicimbini eyahlukene ngenxa yokuthi abajwayele ukuqashwa njegabaculi bawo,” kusho uGa Ndlela.
Uthe ngenxa yokuthi awukaze ubekhona umcimbi oqondene nabacula lolu hlobo, yingakho bethathe isinqumo sokuthi babe neFestiveli yalolu hlobo lomculo. Ngokwezinhlelo zabo, uthe bafuna ibekhona minyaka yonke. Kulokhu uthe bazobe besayethula kodwa zikhona izinhlelo zokuthi bayikhulise njalo.
Amathikithi awo uthe aseyatholakala eWebtickets ngo-R200. Nawe-Early Bird akhona asabiza u-R150.