ABESIFAZANE abasafuna ukungena emkhakheni wokulingisa babheme bakholwa engxoxweni ebiseThe Playhouse, eThekwini nala bekuzodingidwa khona ngezinto ezehlukene ezenzeka kule ndima.
UBongi Ndaba ongumbhali wemidlalo ehlukene, Vanessa Marawa ongumsakazi noPumza Ralo osebenza emidlalweni efana noMkhokha bahlube udlubu ekhasini ngobuhle nobubi obukule ndima yokulingisa.
UBongi uyalele abesifazane ngokuthi ababheke amathuba ahlukene emikhakheni abangena kuyo bangabheki into eyodwa abasuke sebeyifundele.
“Mina ngingene kulo mkhakha ngibhala imidlalo ehlukene. Kodwa ngithe ngokubona izinto ngaqala ngabheka izinto ezehlukene ngempela ngabona ukuthi ziyangisebenzela ngagxila kuzo, kwavela ukuthi angingabheki into eyodwa angenze izinto ezehlukene ukuze ngiziphilise. Angigcinanga lapho ngikhethe ukushiya ekubhaleleni abanye imidlalo ngaqala ukubhala eyami, manje ikhonjiswa eziteshini ezifana neNetflix,” kuchaza uBongi.
Uthe iningi imali ayeyithola ngokubhala imidlalo nayeyenza ngendlela ehlukile.
“Ngiyaninxusa ukuthi nisebenze ngokuzikhandla. Uma ubheke into eyodwa bese kwenzeka umsebenzi ungaqhamuki niyogcina niphathwa ukhwantalala. Izifo zengqondo ezidalwa kakhulu ukungasebenzi nokungangeni kwemali zikhona futhi sezisabalale ngendlela emangazayo. Ngakho kubalulekile ukuthi nisebenze ngokuzimisela,” kuchaza yena.
UPumza uthe yena njengoba eseqhulwini labantu abathungatha abalingisi, izinkinga abanazo ukuthi ayikho imali ebekelwe bona njengoba benza lo msebenzi baphila ngemali abayihola ngokusebenza emidlalweni abaqashwe kuyo.
“Mina nginxusa ukuthi nithole izimenenja, kodwa nazo ningazikhokheli imali eningi umsebenzi ningakawutholi. Abantu abaningi bachitha imali bengakasebenzi benika izimenenja befuna zibafunele umsebenzi, lokho kumele kungenzeki, thola umsebenzi kuqala bese uyakhokha. Enye into egqamile ukuqolwa kwentsha efuna ukungena kwithelevishini, bagcina bekhipha imali ngoba bethenjiswa umsebenzi leyonto kumele iphele, khokhani imali uma seniwutholile umsebenzi,” kuchaza yena.
UVanessa uvale umcimbi ngokukhuthaza abesifazane ukuthi abathandane bayeke ukuvalelana ezikhundleni eziphezulu, banikezane amathuba bayeke ukuzondana bebodwa.