UMGUBHO weminyaka eyishumi kwasungulwa i-InKasi Xperience ebophele zonke izintandokazi zabaculi uzohambisana nomklomelo wemoto nonyaka.
I-InKasi Xperience izoba sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoDisemba 15 okuyindawo ehlala isingathelwa kuyona.
Umhleli wayo uPhilani “Splash” Ngwenya uthe kuningi okusha abazokwenza kulo nyaka njengoba begubha iminyaka eyishumi kwabakhona umcimbi.
“Kuzoba ngokokuqala kuza Igcokama Elisha noKhuzani kanyekanye kulo mcimbi. UKhuzani uke wanandisa kulo mcimbi kodwa Igcokama Elisha belingakaze linandise. Omunye omusha nonyaka uYoung Stunna ongakaze aqashwe kulo mcimbi. Kwezinye izinto esizihlelile ukuthi kube namatafula eVVIP azokwakhiwa phakathi esteji. Wona asazodayiswa ngoba sisahlela indlela azomiswa ngayo. Imoto ezowinwa sihlele ukuthi kube yiVW Polo. Okwenze sakhetha lolu hlobo lwemoto ukuthi sibone kufanele kube iyona ngoba ihambisana nesitayela saselokishini. Okunye okusha ukuthi iMetro FM izobe isakaza bukhoma kuwona umcimbi,” kusho uSplash.
Uthe ezinye izinhlelo basaxoxisana ngazo ngoba kuningi abazimisele ukukwenza ukukhombisa ukuthi bagubha iminyaka eyishumi kulo nyaka. Imoto nayo uthe basazolumemezela uhlelo lwayo ukuthi izowinwa kanjani.
USplash uphinde waveza ukuthi into angeke ayikhohlwa noma yinini ukuthi lo mcimbi ukhona ngenxa yomculi wekwaito ongasekho uMampintsha. Uthe uyena owamcelayo ukuthi asungule umcimbi waveza nokuthi bazomxhasa ukuze ube yimpumelelo. Uveze ukuthi uMampintsha wamxhasa ngokuthi alethe bonke abaculi baseWest Ink ukuzonandisa kulo mcimbi ngaphandle kwenkokhelo. Uthe uMampintsha akekho nje wasebenza kakhulu kulo mcimbi kodwa wayengakaze amkhokhele.
Amathikithi abiza u-R150 ajwayelekile eTicketpro, abe ngu-300 awezicukuthwane kanti ngelanga lomcimbi ayobe engu-R200 esangweni ajwayelekile abe ngu-R400 awezicukuthwane.
Kubaculi esingabalindela kukhona oSjava, Gatsheni, Lwah Ndlunkulu, Proffessor, Dladla Mshunqisi, Babes Wodumo, Goldmax, Beast, Saliwa, Zakwe DJ Sox nabanye. Kosaziwayo singabala oSomizi, Lerato Kganyago, Noxolo Mathula woZalo nabanye. Kbaphathi bohlelo kubalwa uMashudula, Thah Simelane nabanye.