UMLINGISI obenguQueen Ibanathi kwiFalakhe, noCarol kwiGood Men, uNtokozo "Sngqazu" Ngcobo, uhlele inkundla yokucija amaciko. UNtokozo uhlela ukucathulisa abasathuka isisinga emkhakheni wezinkondlo, ukubhalwa kwezincwadi nowokuxoxa izinganekwane ngo-Okthoba 27, ngo-9 ekuseni, eBlue Waters Hotel, eThekwini.
Emuva kwempumelelo yokwethulwa kwencwadi kaNtokozo ngonyaka odlule, esihloko esithi Amaloba The Traces eMpumalanga, nokwethulwa kwayo phesheya kwezilwandle enyangeni edlule eChina, eNanjing, uNtokozo wethula i-Amaloba The Traces Durban Book Tour ngokubambisana noMnyango wezobuCiko namaSiko, uMkhandlu kazwelonke wezobuCiko neDurban Unesco City of Literature.
UNtokozo uthe umçimbi uyingxenye yochungechunge alubiza nge-Amaloba, The Traces Book Tour 2023.
Amaloba, The Traces Book wuchungechunge lokuhambisa incwadi kubafundi, ukudala inkundla ukuze incwadi ifinyelele ebantwini abaningi nokuhlanganisa ababhali bezincwadi ukuba bebelane ngolwazi embuthanweni lapho wababhali abasafufusa basemakhaya nabasemadolobheni abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-35.
UNtokozo uthe lezi zinkundla zokucobelelana ngolwazi zihambela zonke izifundazwe namazwe ahlukene futhi kudingidwa izihloko ezihlukene.
"Lolu chungechunge livumela amalungu omphakathi ukuba azi kabanzi ngababhali bezincwadi, nokuhlangana ngesikhathi babelana ngolwazi."
Uthe uqale lolu hlelo ngenhloso yokwenza ukuthi kube nesasasa ngezincwadi nokuthi lomkhakha wokubhalwa kwezincwadi uthuthukise umnotho.
"Inhlosongqangi ukuvukuza uthando lokufunda nokubhalwa kwezincwadi, ngesikhathi abafundi bezincwadi bethola izincwadi abazozifunda futhi bazithokozele kubabhali bazo emuva kokuhlangana nabo."
UNtokozo uthe uyakholelwa ekutheni uchungechunge luzokwenza umkhakha wokubhalwa kwezincwadi ujabulise. Uthe luzobuye luthuthukise abantu abasha abanothando lokubhala izincwadi ngolwazi futhi lubalekelele nasemisebenzini yesikole.
“Ukusabalalisa incwadi yami emazweni ngamazwe kuvula inkundla yabathandi bezincwadi ukuthi baxhumane nabanye ababhali asebemnkantshubomvu.”
Ezikoleni ezizobe zibambe iqhaza kulo mcimbi kubalwa iZwelibanzi High eMlaza, neMbizweni High eMlaza.
Kwabazobe becobelela izithameli ngolwazi nguThulani "Yeyeye" Gumede onengosi yezobuciko kwiGagasi FM, aphinde abe ngumbhali wezincwadi esihloko sithi Fathering Shadows, Impumelelo Kamadakeni nezinye, uSibongimpilo Ngobe ongumlingisi emidlalweni yoKhozi FM futhi ongumxoxi wezinganekwane noNtokozo. Izimbongi esezizakhele udumo kulesi sifundazwe uGubhela, noXolile Zion Vilakazi bazobe behaya izinkondlo zabo ezihlabahlosile.
‘’Uhambo lokwethula incwadi yami Amaloba The Traces lunginikeze inhlansi yethemba elikhulu futhi lwakhuthaza abafundi abaningi ukuba balandele amaphupho abo’’
Esephetha uNtokozo unxuse abafuna ukuhambela lo mcimbi ukuba babekise ngokubhalela kule-email: [email protected].