IMINYAKA emibili edlule ibinzima kubathandi bobumnandi ngoba izwe belivaliwe, kungavumelekile ukuthi kube nemicimbi ngenxa yeCovid-19.
Kepha, nonyaka zizoshintsha izinhlelo zobumnandi. Kubukeka sengathi isimo sivuna amaciko nomkhakha wezokungcebeleka ngoba konke izinto zibuyele kokujwayelekile yize lisekhona igciwane, icorona.
Phakathi kwemicimbi ekhuza ibuya kulokhu kubalwa izintandokazi kwezokujuxuza, iBeach Fest yeGagasi FM, neDurban Jazz Festival eba eHazelmere Dam.
Emcimbini wokwethula iBeach Fest, bazwakalise ukukuthokozela ukuthi izobe ikhona nonyaka ngoDisemba 3, eBlue Lagoon, eThekwini.
UKhulekani Shandu, okhulumela iGagasi FM, uthe kuyintokozo kubona ukubuya kwefestiveli futhi bathembisa izihambeli ubumnandi bodwa.
IPhini leNhloko yeDurban Tourism, uWinile Mntungwa, lisanda kudalule ukuthi kusukela ngo-Okthoba ka-2021, isimo kwezokuvakasha siqalile ukuba ngcono yize bebengazamukeli izivakashi zakwamanye amazwe.
Kulokhu uthe babheke umthamo omkhulu wabazohambela imicimbi ngoba izwe livuliwe. Uthe sekukhona nemicimbi ka-2023 esiqinisekisiwe ukuthi izobakhona.
IMeya yeTheku, uMxolisi Kaunda, ibaqinise idolo abazovakashela iTheku, yathi izolungiswa ngaphambi kwamaholidi kaDisemba, inkinga yokuvalwa kwamabhishi.
Imicimbi egqamile imi kanje:
– ngoNovemba 25 kune-Q Twins Live In Concert ePlayhouse.
– ngoNovemba 26 uSkhumba unomcimbi wamahlaya eSuncoast, eThe Globe.
– kuneYouth Hip Hop Festival Launch ngo-26 Novemba, eGreyville Racecourse.
– UKhozi FM luneMagic Music Sessions, eMoses Mabhida ngoNovemba 26.
– ngoNovemmba 27 kubuya ama-15th Crown Gospel Music Awards azobe ese-ICC.
– IGagasi FM lithembisa into yamehlo kwiBeach Festival ezoba ngoDisemba 3, eBlue Lagoon.
– ngoDisemba 17 kuneDoek on Fleek Rainbow Picnic ePeople’s Park eMoses Mabhida.
– ngoDisemba 22 kuya kuJanuwari 1 kuneBallito BIG Week, eCane Fields.
– ngoDisemba 26 kuyiwa eHazelmere Dam kwiDurban Jazz Festival.
– ngoDisemba 31 umcimbi kaDJ Tira, iFact Durban Rocks NYE Party, uqeda iminyaka ewu10 wasungulwa ePeople’s Park, eMoses Mabhida.