Mamelodi Sundowns (1)2
Polokwane City (0)0
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, usale enelisekile ngendlela abadlali bakhe abangalijwayele ijezi abaziveze ngayo ngesikhathi leli qembu linqoba kwiPolokwane City kwiBetway Premiership eLoftus Versveld ngoLwesithathu ebusuku.
Inkundla ivulwe uKutlwano Letlhaku ngegoli alishaye esiwombeni sokuqala ngaphambi kokuyivala ngelesibili kwesesibili.
Ngaphambi komdlalo uMngqithi akafihlanga ukuthi ubheke ukubuyisa izinduku kulandela ukuphoxwa yiqembu elifanayo ezinsukwini ezedlule koweligi ePolokwane.
“Wasithusa umphumela wethu nePolokwane ngokudlule kodwa iqiniso ukuthi akukho okwakusilungela ngaleliya langa,” kusho yena.
“Kusemqoka ukubalula ukuthi iPolokwane yadlala kahle kodwa ngangidiniwe ngemuva komdlalo ngoba kunezikhathi lapho sasidlala khona sengathi asazi nokuthi lidumephi,” kuqhuba uMngqithi.
Ngemuva komdlalo uthe: “Siwuqale kahle umdlalo yize nakulokhu ibikhona inhlansi yokuzithela ngabandayo kodwa ngijabule ngomphumela.
“Bekungelula ukuqalisa inqwaba yabangalijwayele ijezi kodwa bekumqoka ngoba iseyinde indlela esisazoyihamba ngakho-ke kufanele bonke abadlali basetshenziswe.
“Sizoqala iCaf Champions League maduze ekubeni kukhona iFifa Club World Cup ngonyaka ozayo ngakho-ke siphoqelekile ukuzwisa bonke abadlali ukuze sigweme amathonsi abanzi.
“Okungichaza kakhulu ngingungwe yithimba elingangikhuzi uma ngithatha lezi zinqumo abaningi abangazibona zinobungozi,” kulandisa uMngqithi.
Umqeqeshi wePolokwane, uPhuti Mohafe, okubikwe ukuthi uyagula ubengekho enkundleni yingakho esihlalweni sakhe bekuhleli uBrice Aka oyiphini lakhe.
Enkundleni, iSundowns ebisishintshe ngabadlali abayisishiyagalolunye isikimu esiququde iKaizer Chiefs ngo 4-0 koweCarling Knockout ngempelasonto edlule.
Nakuba bekusobala ukuthi iSundowns itsheliwe ukuthi ayiyiphuthume iPolokwane kodwa kudingeke imizuzu engu-27 ukuthi uLetlhaku avule inkundla ngegoli.
Akuzange kube nazimpawu zokuthi liyayidikibalisa iPolokwane leli goli kwazise iqhubekile nokuzama kwaze kwaba kuyiwa ekhefini.
Nesesibili isiwombe iSundowns isiqale ngomfutho kodwa ngoka-55 uHlayisi Chauke uyeke ingqayizivele yethuba kufanele alinganisele izivakashi.
Kube sengathi kuyayivusa iSundowns ukungena kukaMarcelo Allende okulandelwe yigoli lesibili likaLetlhaku ngomzuzu ka-69 elakhelwa u-Arthur Sales obevutha.
Ngemuva kwegoli lesibili iPolokwane iqalile yahlehla sekucaca ukuthi iyayamukela induku.
Lo mphumela weSundowns unciphise igebe le-Orlando Pirates esicongweni kwi-log laba ngamaphuzu amathathu emidlalweni yeligi eyisikhombisa.