OWESIFAZANE ukhihle esikaNandi elahlwa ngecala lokuzama ukubulala isoka alichatha, waliphuzisa wabuye walibhunyela nge-acid oThongathi, eThekwini.
IMantshi uSanele Hlatshwayo yeNkantolo yesiFunda eVerulam, ngoLwesithathu, ilahle uPrincess Lethiwe Mthimkhulu (30) ngecala lokuzama ukubulala nelokweba iselula.
ULethiwe wazama ukubulala ayethandana naye, uMnuz Phakamani Sibiya (34) ngo-Ephreli 13, 2022.
Waboshwa ngo-Ephreli 19 walowo nyaka, wagcina ededelwe ngebheyili ka-R1 500.
Ngesonto eledlule, wethule ubufakazi kule nkantolo, wathi wayekade ezivikela kuSibiya owayemhlukumeza futhi emshaya kodwa wakujika konke lokhu ngoLwesithathu.
Uxolisile kumgilwa, wathi uyazisola ngakwenza eholwa yintukuthelo nokuthi kuyiqiniso ukuthi wayefuna ukumbulala uSibiya.
Uthe wazama ukubulala uSibiya elekelelwa uMnuz Moses Jobe ogcwele amathafa, adalule ukuthi wagcina ukumbona emuva kwesigameko.
Emuva kokulahlwa ngamacala, uLethiwe utshelwe ukuthi useya ezitokisini, nebala lamqhuba iphoyisa kubhekwe khona.
Uvele wakhihla isililo esemi phambi komnyango obheke ezitokisini kwaze kwasondela unina kuyena.
Emva kwekhefu, ummeli kaLethiwe, uMnuz Denver Reddy, ucele imantshi ukuba iyelule ibheyili.
Ubalule ukuthi uLethiwe unezingane ezimbili ezincane futhi kusamele kutholakale imibiko emibili, okasonhlalakahle nowoMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo.
Nebala imantshi imdedele ngebheyili ka-R3 000, yathi izomgweba ngoDisemba 11 nonyaka.