UMLINGISI osanda kushiya emdlalweni Umkhokha: The Curse, uNelisiwe Sibiya, uthembisa into yamehlo ngendawo kaSanda, ayilingisa emdlalweni iScandal okhonjiswa kwi-e.tv phakathi nesonto ngo7.30 ebusuku.
USanda ngowesifazane onengane noThapelo, nobuya empilweni yakhe ngemuva kokufunda ukuthi izinto zimhambela kahle njengoba esenemali namabhizinisi enza kahle.
UThapelo unezinkampani ngaphansi kwegama lomndeni iBechafela.
Ekhuluma ngale ndawo uNelisiwe uthe usekulindele ngabomvu ukwethulela ababukeli lo mlingisi okuzocaca maduzane ukuthi ubuyeleni empilweni kaThapelo.
“Ngiyajabula ukwethulela abalandeli balo mdlalo uSanda, okumele ababukeli bazibuze ukuthi kulobu budlelwano abuye kubo ingoba efunde emaphepheni ukuthi uThapelo usenemali noma konke akwenzayo ingoba ufuna kukhule kahle indodana yakhe uKhumo. Ngibathembisa into yamehlo ababukeli bomdlalo ngale ndawo ezobashiya bekhexile,” kusho uNelisiwe.
Uthe okunye okuzogqama ngale ndawo ukuthi abanye besifazane bake bathathe izinqumo ezingelula ngoba bengafuni lutho oluzophatha kabi izingane zabo ekukhuleni kwazo.
“Ngifuna abesifazane kakhulu babuke le ndawo ngoba kukhona abazokufunda. USanda usebenza kanzima ukuze ingane yakhe ithole konke ekudingayo futhi uyikhulise kanzima. Ufuna indodana yakhe ikhule ihlonipha inomthetho. Uyayithanda kodwa izimo ezithile zimphoqa ukuthi abuyele emuva lapho kade engasacabangi khona nokuyila indawo kaSanda iba mnandi khona. Nami ngiyithakasele kakhulu ngesikhathi ngiyiqopha, sengibheke phambili ekutheni abantu bazi ngayo kabanzi. UThapelo naye ngumuntu wesilisa onezigemegeme zakhe ngakho uSanda uzokulwela nalokho ukuthi kungabi bikho muntu omenza aqhelelane nendodana yakhe,” kuchaza yena.
Le ntokazi ibonakala kulo mdlalo nje yagcina ukubonakala emdlalweni Umkhokha muva nje ingumsakazi kwiGagasi FM nalapho isakaza khona uhlelo lwangeSonto ntambama iShutdown Yomhlaba noDJ Sphelive "The GodFather".