INGWAZI yomculi we-kwaito, uProfessor, ithi kusina kudedelwane emculweni njengoba nabo balithola ithuba lokuvelela.
Ikusho lokhu iphendula umbuzo ngezinkulumo eziye zibhalwe ngabantu ezinkundleni zokuxhumana zokuthi “uDisemba awumnandi ngaphandle kwe-Big NUZ noProfessor”.
Lo mculi wazakhela udumo esacula noT’zozo nangesikhathi esephuma ezimela, eshisa izikhotha ngezingoma okubalwa kuzo iMot’etshontshimali, Jezebel nezinye.
“Akumnandi uma sebekhala ngokungathokozi bethi bashoda ngezingoma ezinjani. Ngokwami kumele kuhlale kuqhamuka okusha. Ngeke kuhlale kuyithi ngaso sonke isikhathi, nathi salithola ithuba sekuyisikhathi sabanye,” kusho uProfessor.
Uthe yena kulo Disemba ingoma ezothola ivoti lakhe ekuhlukaniseni unyaka ngekaThokozani Langa ethi Thokoza. Ikwezingu-10 ezisemncintiswaneni woKhozi FM.
“UThokozani Langa ubhuti wami omdala okunguye owasivulela indlela. Ivoti liya kuye hhayi ngoba ngichema kodwa eyasekhaya.”
Lo mculi ulungiselela ukukhipha i-EP yakhe, ayethe ngelinye igama lakhe uMkhonzeni, ngoJanuwari. Inezingoma eziyisishiyagalombili.
Uveze ukuthi kusengamazwibela ngoba uhlela ukukhipha i-albhamu ephelele ngonyaka ozayo.
Selokhu agcina ukudedela i-albhamu nge-University of Kalawa Jazmee ngo-2014. Ngemuva kwalokho ubekhipha izingoma ezihamba ngazodwa.
“Ngizizwe ngikhuthazekile ngokuthi ngisaphila, abantu basangithanda bangithandela nomsebenzi omdala. Ngisebenza anginangcindezi yokuthi ngangidlisa kudala. UNkulunkulu unginikile le nto. Ngipike nabantu ngokusenhliziyweni, hhayi ngokuthi banabalandeli abangakanani futhi nomculo uzowuzwa ukuthi wehlukile kodwa akufostiwe, kusewuProfessor we-kwaito abamaziyo.”
Upike uKabza De Small neMurumba Pitch engomeni ethi Mfi, Unathi, Character, Mpumi nabanye.