IKAIZER Chiefs ifuna bajeziswe kanzima abalandeli abaziphathisa okwemidlwembe ezinkundleni zakuleli.
Ngempelasonto edlule abanye abalandeli bacishe baxova umdlalo we-quarterfinal yeCarling Knockout, iqembu labo libhaxatshulwa yiMamelodi Sundowns ngo-4-0 eFNB Stadium.
Uthuthuva lusuke ngesikhathi unompempe, uLuxolo Badi, enika iSundowns iphenathi ebe igoli lokuvula inkundla. Bajikijele izinto enkundleni. Kuke kwaba nesikhathi lapho umdlalo umiswe khona, kukhishwa izinsizwa ebezingene ngodli enkundleni. Enye yazo ebigqoke ijezi le Chiefs, ebelibhalwe ukuthi Mashonisa ngemuva, ijahe kanzima uBadi osizwe ukudla phansi.
NgoMsombuluko Amakhosi akhiphe isitatimende esihlaba sihlikiza lesi senzo.
Athe afuna laba balandeli baboshwe baphinde baxoshwe unomphela ebholeni lakuleli.
Kwenzeka lokhu nje bekungakapheli sikhathi esingakanani abalandeli baleli qembu benze okufanayo ngoSepthemba, beshaywa yiwona amaBrazilians ngo-2-1 koweligi khona eFNB. Nakulo mdlalo babethi abamudle bamfele uSikhumbuzo Gasa owayengunompempe. Babekhala ngezinqumo zakhe.
Ngenyanga edlule umshushisi we-PSL, uZola Majavu, umemezele ukuthi iChiefs ilivumile icala lokuhluleka ukulawula abalandeli bayo (koweSundowns), yahlawuliswa u-R100 000, kwalengiswa u-R50 000 ngesivumelwano sokuthi ingatholakali ephutheni elifanayo kuze kuphele isizini ka-2024/2025.
Lokhu okwenzeke koweCarling kulindeleke ukuthi kuvuse lesi sigwebo ebesilengisiwe.
Esitatimendeni iChiefs iveza ukuthi izobambisana nabengalo yomthetho ukuze laba benzi bobubi batholakale bese bejeziswa kanzima.
"Siyazi ukuthi abalandeli abathathu baboshiwe base bevela enkantolo ngoMsombuluko. Sizokwenza konke okusemandleni ukusebenzisana nabomthetho ukuze udlale indawo yawo. Iqembu lizophakamisa ukuthi zixoshwe unomphela izixhwanguxhwangu ezinkundleni zakuleli,“ elinye lamaphuzu abekwe yiChiefs esitatimendeni
Amakhosi abe eseyihlaba eyihlikiza eyabalandeli abaya ezinkundleni beqiwe izinkamba zikaFaro.
"Sikugxeka ngokungaphezi ukuphuzwa ngokweqile kwamankwebevu okubonakale kulo mdlalo. Lolu hlobo lokuziphatha luphinde lubeke engcupheni abalandeli abaziphatha kahle. Sizoqhubeka nokugqugquzela ukuziphatha kubalandeli. Lokhu kuhlanganisa ukwenza imikhankaso yokuxwayisa ngokuphuzwa kotshwala ngokweqile, ukufika ngesikhathi ezinkundleni nokubaluleka kokuxhasa iqembu ngenhlonipho.“
UJames Dlamini, ongumnikazi we-Aneme Security Services eqapha emidlalweni yePremier Soccer League (PSL), uthe okubi ngalokhu kuziphatha kabi kugcina kuqeda ikusasa labalandeli.
"Engifuna abantu bakwazi ukuthi wonke umuntu ongena enkundleni kungafanele ulala esitokisini aphinde avele enkantolo. Kuya ngokuqina kwecala. Uma engene ngenhloso yokuzolimaza uze agingqiswe izithupha athole nesigwebo esiqinile, mhlawumbe neqembu limdingise unomphela. Nongena engahlose kulimaza uke azigingqe izithupha. Lokhu kungcola kwezithupha kugcina kubavimba ekutholeni imisebenzi," kubeka uDlamini.
Uphakamise ukuthi kube nendlela ethile yokuvinjwa kwabaphuzile ukungena ezinkundleni nokuthi kuqiniswe kakhulu isandla kwabonile.
Ngo-2018 usihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, wakhipha isitatimende ayemukela kuso izigwebo ezanikwa abalandeli abalimaza abantu, bacekela phansi impahla ngesikhathi iqembu lakhe lidliwa yiFree State Stars kowandulela owamanqamu eNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium.
Abayisishiyagalolunye bavela eDurban Regional Court ngoMashi 2019, balahlwa amacala.
UKhwezilomo Madiba wagwetshwa iminyaka emithathu ebhadla ejele, abayisishiyagalombili balengiselwa izigwebo.