UXOLISILE kuVuyokazi Nciweni, uXolani Sabelo ngemva kokusabalala kwenkulumo ngxoxo yakhe nomunye wesifazane esola uVuyokazi ngokumphoqa ukuthi amlobole. Ngempelasonto kube nesasasa ezinkundleni zokuxhumana kusabalala ingxoxo ebiphakathi kukaXolani nowesifazane okuthiwa ungumama wengane yakhe nobemtshela indlela angajabule ngayo othandweni lwakhe noVuyokazi.
UVuyokazi uzakhele igama ohlelweni lwethelevishini Uthando Nesithembu ngoba engunina wezingane ezimbili zendodana kaMusa Mseleku, uMpumelelo.
UXolani Sabelo odume ngokuba umpheki, ezinyangeni ezintathu ezedlule kusabalale izithombe ethumele abakhongi beyomlobolela uVuyokazi, kukuhle kudelile.
UVuyokazi wabongelwa ngabaningi ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi useyingoduso yomuntu ngoba washiya indodana kaMseleku ngenxa yokunganami.
Wayekhala ngokuthi akajabule ebudlelwaneni babo esola uMpumelelo ngokuba yisoka lamanyala.
Ukulotsholwa kwakhe nguXolani kwenza abaningi bambongela ngokuthola owesilisa owakhombisa ukuthi uyamthanda.
Kodwa konke lokho kuphenduke izindaba ezimbi sekusabalala ingxoxo lapho uXolani ethi nguVuyokazi owamphoqa ukuthi alobole, yena wayengazimisele.
Kuleyo ngxoxo uXolani utshela omunye wesifazane ukuthi usambuka uVuyokazi ukuthi wenzani empilweni.
“Wangiphoqa ukuthi ngenze yonke le nto. Ngisho ngesikhathi kuhanjiswa amalobolo mina ngangingakulungele lokho, uyena owayephoqa izinto. Kudala mina ngimtshela ukuthi akahambe kodwa akezwa. Umatasa kumanje wenza izincwadi zokuza la e-UK njengoba ngihlala khona, mina angikakulungeli ukuthi eze ngapha ngoba angifuni angimithele angaze angondlise ingane ngoR20 000,” kusho uXolani ekhuluma nowesifazane.
Le nkulumo iphoqe ukuthi uVuyokazi akhiphe isitatimende lapho eveze khona ukuthi inhliziyo yakhe ibuhlungu ngokusabalala kwengxoxo.
“Ngiwumuntu wesifazane othanda ukuphila impilo yakhe nokuba nobudlelwane obungekho phambi kwamehlo omphakathi. Kodwa ngizithola ngilokhu ngivela. Njengani nami ngisanda kuzwa izindaba zokuthi ngaphoqa isoka lami ukuthi lingilobole. Lokhu akushoyo kuveze uhlangothi mina ebengingalwazi ngaye, ngiphatheke kabi izinto azikhulumile futhi kunzima nokuzamukela,” kusho uVuyokazi.
Uthe uyabonga kuwona wonke umuntu omeseke kulesi simo esinzima abhekene naso njengoba yena engowesifazane ofuna umuntu wesilisa ozomthanda ngeqiniso.
UVuyokazi uthe akukho okunye asazokukhuluma ngalolu daba.
UXolani akaxolisanga nje kuVuyokazi nomndeni wakhe kodwa uxolise nasemndenini wakhe.