UMDANSI wesifazane ohlonishwayo kuleli nasemazweni angaphandle, uMamela Miranda Nyamza, uzobungazwa esadla anhlamvana kwiJomba! Contemporary Dance Experience, phakathi kuka-Agasti 29 noSepthemba 10 e-UKZN, eThekwini. UMamela (47) waseGugulethu, eWestern Cape, uzohlonishwa ngomklomelo omkhulu futhi osemqoka obizwa ngeJomba! Legacy Artist.
Umgqugquzeli wedili lemidanso yamanje uDkt Lliane Loots, uthe bakhethe uMamela ngenxa yamava eminyaka engaphezu kwewu-20 namagalelo akhe kulo mdanso wamanje nodumo sezakhele lona kuleli nasemazweni angaphandle.
"Njengoba iJomba! iqeda iminyaka engu-25 kulo nyaka yasungulwa, akekho umdansi esimbone efanelwe yiJomba! Legacy Artist ukwedlula uNyamza. Sibungaza uNyamza ngenxa yombono neqhaza lakhe ekunothiseni kabanzi umlando walo mdanso kuleli naphesheya kwezilwandle."
UMamela, odume kakhulu phesheya kwezilwandle kunaseNingizimu Afrika futhi owake wakhala ngalokho eminyakeni eyedlule, uzobuye adidiyele umdanso wakhe ozokhonjiswa emcimbini. ULoots uthe abadansi abasafufusa kulo mkhakha bazobuye bathole ingqayizivele yethuba lokucijwa nokuhlonyiswa ngolwazi olunzulu yizingwazi eseziyibambile insimbi ishisa kwi-contemporary dance.
KwiJomba! Contemporary Dance Experience kulindeleke izihlabani zamazwe ngamazwe ukuba zishiyelane inkundla nezakuleli.
Uthe njengoba begubha ukuqeda iminyaka engu-25, bathathe isinqumo sokusebenzisana neMarket Theatre yaseGoli.
Ngakho lo mbuthano uzophuthulwa eKZN ngoSepthemba 10 bese ubhekisa amabombo eGauteng lapho ozobanjelwa khona kusukela ngoSepthemba 12 kuze kushaye umhlaka-17.
*Ngemininingwane ethe thuthu, kungangenwa kule-website:hhtps:/jomba.ukzn.ac.za/