UMCULI kamaskandi uThokozani Langa uthi kuyamjabulisa ukubona umkhakha wengoma ukhula kangaka njengoba bebezizwa bevalelekile kuwo benganakiwe eminyakeni edlule.
UThokozani ukusho lokhu eMushroom Lounge, eseMhlanga eThekwini ngesikhathi kwethulwa umcimbi wezindondo iNational Ingoma Awards.
Lezi zindondo zisungulwe uXolani Mcineka, Sboniso Mbambo odume ngelikaMageza noBonny Ngubane.
Lo mcimbi ozokwenziwa kulo nyaka osukwini olusazomenyezelwa, kulindeleke ukuthi kuhlonishwe kuwo abantu abenza izinto ezahlukene emkhakheni wengoma.
UThokozani ongomunye wamagosa ahola amaqembu engoma ngakubo oLundi, uveze ukuthi ukube lo mkhakha ubugqame kanje kusuka kudala ngabe abekho abantu abaduve ezimoshali abangaziwa ukuthi abakuphi.
"Ingoma yayisiqoqa sazane sonke ukuthi singabaphi. EGoli la sasiyisina khona yasikhulisa yingakho siyilamadoda esiyiwo namhlanje.
“Siyabonga kakhulu kuMcinela, uMageza noNgubane ngokuqhamuka nomcimbi ofana nalona," kusho uThokozani.
UMcineka uthe ukukhula komculo wesintu yikhona okubabeke lapho bekhona manje.
"Ingane le esisazoyethula ngakho sithi abantu abayemukele. Ngawo sizoqhubeka nokukhulisa umkhakha wamabhinca obunganakiwe eminyakeni edlule.
“Namhlanje ngalo mcimbi sizobonga amagoso nabasini bendlamu abadlula emhlabeni bengenalutho. Kodwa ngoba sekukhona thina manje angeke sibuke abantu benza umsebenzi omuhle, singabahloniphi," kuchaza yena.
Uthe ukuhlela kwabo umcimbi Ingoma kazwelonke kwenze ingoma yanakwa ngisho wuhulumeni.
"NgoDisemba imicimbi yengoma ibithe chithi saka, nohulumeni wayixhasa, lokhu kuveze ngokusobala ukuthi sivuselele into abantu akade beyidinga.
“Ukubuyisa imicimbi enjena kuzosiza intsha ikakhulu eyabafana ukuya engomeni uma ibisiyaphuma kuyo,“ kuchaza uMcineka.
USbongiseni Mbambo odume ngelikaMageza, uthe lo mcimbi bazomemezela ukuthi uzoba nini futhi kuphi.
“Okwamanje sisabheka ukuthi uzoba kuliphi idolobha kodwa singasho ukuthi uzoba khona la KwaZulu-Natal.
Ukuwungenela kuzovuleleka kuwona wonke umuntu osemkhakheni wengoma lapha ezweni lakithi.
Ingoma umcimbi omkhulu ngakho kumele sithole idolobha elizokwazi ukumumatha abantu abaningi futhi nendawo esizobambela kuyo nayo ibe nkulu,” kuchaza yena.
Ubonge amagosa abekhona okubalwa kuwo uThokozani Langa, Gadla Nxumalo, Sgwebo Sentambo, Ndoni nabanye ngokuhambela lo mcimbi.
Imikhakha ezoqokwa kulo mcimbi kubalwa owe:
Best Isigekle Group
Best Disabled Dancer
Best Indlamu Group
Best Female Group
Best Ivolo Group