UNKOSIKAZI womculi wekwaito, uMduduzi Tshabalala owaduma ngelikaMandoza, uMpho useveze ukuthi bazobungaza iminyaka engu-25, kwaphuma ingoma Inkalakatha, ngokukhombisa umdlalo wasesiteji okhuluma ngempilo yomyeni wakhe, nokuqoshwa kwale ngoma.
UMpho uthi kusuka ngoSepthemba 18, eSoweto Theatre, kuzoqala ukukhonjiswa umdlalo othi Road to Nkalakatha 25 Years: A Theatrical Tribute to Mandoza.
Kuwo uthi kulingisa phambili amadodana abo uTokollo noTumelo.
Ekhuluma neSolezwe, uMpho uthe ngonyaka ozayo kuhlangana iminyaka ewu-25 kwaphuma le ngoma abayifanisa nengoma eyathandwa abantu bezinhlanga ezihlukene kuleli.
“Sikhethe ukuthi umcimbi ube kule nyanga ngoba Inkalakatha isifana nengoma yokubungaza okuningi okwenzeka ezweni lethu. Iwu-30 iminyaka sakhululeka ngakho ngikhethe ukuthi njengoba kuyinyanga yamagugu, siphinde sibungaze ngale ngoma, nangalo mdlalo esizowukhombisa.
“Amadodana ethu abe nesandla njengoba nawo engamaciko futhi engene shi emculweni, ekutheni lo mdlalo wenzeke ube yimpumelelo. Ingoma le ehlanganise abantu abaningi ikakhulukazi uma kuziwa kwezemidlalo. Umqondo ofana nalona wangifikela ngesikhathi kubungazwa ukuwina kwamabhokobhoko iNdebe yoMhlaba ngonyaka odlule ngabona ukuthi kukhona okumele sikwenze ukubungaza Inkalakatha,” kubeka uMpho.
Uthe isifiso sakhe ukuthi lo mdlalo bawukhombise izifundazwe zonke kodwa basazohamba becela uxhaso.
“Sifuna ukuthi sihambele lonke elakuleli, sikhombisa ngalo mdlalo. Kodwa uxhaso ilona esiludinga kakhulu. Siyanxusa uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko usixhase kuzona zonke izifundazwe. Okunye esihlela ukukwenza ukuthi senze i-video entsha yale ngoma namadodana akhe naye simfake ngobuchwepheshe besimanje ukuze ingoma ihlale iyintsha futhi iveze izigaba ezihlukene zempilo zalo mculi,” kuchaza yena.