ABESIFAZANE baKwaZulu-Natal ababhekane nezingqinamba ezihlukene okukhona kuzo ukushonelwa ngabayeni, ukuphela kwemishado nokubhekana nezimo ezingezinhle zezimali, bazokhuluma ngalokhu ohlelweni olusha lwethelevisnini, iThe Queens of Mzansi.
Lolu hlelo luzoqala ukubonakala kwiSABC1 ngo-Agasti 15, ngo-9 ebusuku. Kuzobonakala abesifazane bekhuluma ngezinto ezehlukene ababhekane nazo empilweni, konke bazokweneka obala.
UCaroline Phalakatshela wakwaSABC, uthe laba besifazane izinto abadlule kuzona zibenze basukuma bazithintitha futhi bayingxenye yohlelo olufana nalolu ukukhuthaza abanye.
“Izimo ezifana nokuhlukunyezwa ebudlelwaneni bezothando, ukuphela komshado, izimo zokungabi nemali nokushonelwa umyeni, yizona abazokhuluma ngazo ohlelweni.
“Bazoveza ukuthi benze kanjani ukudlulisa izimo ababhekane nazo njengoba sebephila kahle manje. Ngeke kodwa bakhulume ngalokhu kuphela, ababukeli bazobona ukuthi baphila kanjani manje njengoba abanye sebephinde bathola uthando,” kusho uCaroline.
UCaroline uthe kulaba besifazane kukhona uSamkelisiwe (Samke) Mhlongo (35), ongunina wezingane ezimbili odivosile.
ULucky Mthembu (30), ngowesifazane owathatha isicoco sikaMiss S.A Teen ngo-2009, ubethenjiswe umshado kodwa ubudlelwane bakhe baphela ngo-2015, ngenxa yokuhlukunyezwa. UPaloma (Lolo) Mlunjwana (35) ozalelwe eZimbabwe, ngowesifazane ophila kahle njengoba esebudlelwaneni nowesilisa ongusozigidi.
USiphelele Petunia Makhanya (38) ngowesifazane ongumfelokazi waseNewcastle.
Usomabhizinisi uNtombifuthi Mthembu (40) unenkampani yokwakha i-ArmsNelly.
USiphelele ubhale enkundleni yakhe yokuxhumana kwiFacebook ukuthi ujabule ukuba yingxenye yabesifazane abazobonakala kulolu hlelo bekhuluma ngezingqinamba ababhekane nazo empilweni.
“Ngifuna nilubuke lolu hlelo njengoba mina nalezi zintokazi sizonithatha sinibeke ezintweni ezihlukene. Mina ngibhekane nezingqinamba empilweni yami kodwa uJehova wangibeka lapho ngikhona. Ngingowesifazane onomzimba ngakho abantu balindele ukuthi ubukeke ngenye indlela ukuze wamukeleke, ngizoshintsha konke lokho,” kuchaza le ntokazi.