UHLOSE ukuthi kuhlomuke amaciko endawo, intsha nosomabhizinisi umhleli womcimbi iMandeni Dokodweni Beach Festival, ezoba ngaseMacambini ngoDisemba 27 no-28 kulo nyaka.
Ohlela lo mcimbu uMafrika Mpanza, uthe bakhethe ukuthi lo mcimbi owamiswa ngobhubhane leCovid-19, ubuye futhi ufane nendlela owase uyiwona ngesikhathi begcina ukuwubamba.
Ekhuluma neSolezwe, uMafrika uveze ukuthi lo mcimbi bawenza endaweni yasemakhaya nenganyelwe amakhosi abathole olukhulu uxhaso kuwo.
“Ngesikhathi ngiwuqala ngazitshela kahle ukuthi ngifuna ukuthuthukisa abantu basemphakathini, kusuka ekwakheni imisebenzi ehlukene yentsha, ezithinta ezokuvakasha kanjalo kuze kube semacikweni adumile nangadumile azonandisa.
“Ngempela senze kanjalo njengoba ngosuku lokuqala lwalo mcimbi kwamukelwa izivakashi, zihambele izindawo ezahlukene ezithinta umlando bese kuba nemibukiso ehlukene kanjalo nemidlalo eyinhlobonhlobo esisuke sivula ngayo. Sigcina siba nedili lomcimbi la kunandisa khona abaculi abahlukene bendawo bese siyaluvala usuku lokuqala,” kusho uMafrika.
Uthe osukwini lwesibili kula beba khona nomcimbi oqala ngo-12 emini, la kubonakala khona abaculi abadumile.
“Abaculi abafana noDJ Cndo, DJ Websta bake baba yingxenye yalo mcimbi kanjalo nabanye abadumile okungoSun-El, DJ Tira, Dladla Mshunqisi nabanye. Nakulo nyaka njengoba umcimbi ubuya sibheke lukhulu futhi siyanxusa ukuthi abafuna ukusixhasa benze kanjalo nomasipala oholwa umhlonishwa uMnuz Thabani Mdlalose, nawo usukhombise ukusisiza la sidinga khona,” kuchaza yena.
Uthe amathikithi aziwa nge-early bird aseyatholakala ngoR100 eComputicket naseTicket Pro.
Uthe kusuka ngenyanga ezayo kuzobe sekuqala ukutholakala akaR150 neVIP kaR400.