KULINDELEKE ukuthi kugqame imfashini edla ubhedu ezobe ihambisana nomculo nokudla okuconsisa amathe edilini lomculo, i-Onomo Summer Fest-Durban, elenziwa yihhotela eligudle ulwandle eThekwini, i-Onomo Hotels.
Lo mcimbi uzoba namhlanje ngaphakathi kuleli hhotela lapho kulindeleke khona ukuthi kubonakale abaculi abahlukene baKwaZulu-Natal.
U-Anne Chitare osethimbeni lezokukhangisa kule ndawo, uveze ukuthi benza lo mcimbi ngoba bafuna ukubungaza izivakashi zabo nomphakathi, bagubhe ngamasiko ezizwe ezihlukene kuleli.
“Lo mcimbi owokuqhakambisa ubuhle nokuhlukana komculo nemfashini esinayo ezwenikazi i-Afrika. Abantu abazoba yingxenye yomcimbi bazojabulela izingoma zabantu abaqhamuka emazweni ahlukene abazaziyo, ukuze umcimbi ube mnandi futhi kuzoba wusuku abangeke balukhohlwe,” kusho u-Anne.
Uthe uhlu abalukhethile lwabaculi, benze isiqinisekiso sokuthi bathatha kakhulu amaciko, o-DJ nabaculi abasafufusa kakhulu, abanye babo yize baziwa kodwa basebancane ngokweminyaka.
"Ko-DJ singabala uTira, Dladla Mshunqisi , Slenda Da Dancing Dj, Kweyama Brothers, Coco SA, DJ Sonic, The Wiz , DJ Nawty nabanye. Silindele ukuthi abantu eminyakeni ezayo bazifunele bona lo mcimbi futhi sibheke ukuthi ukhule eminyakeni ezayo njengoba sizoqhubeka nawo, ngeke ugcine manje,“ kuchaza yena.