IZIHLABANI zaseMelika zomculo wokholo, uShirley Ceaser noBishop Hezekiah Walker, zizoba yingxenye yabaculi abazonandisa edilini lomculo elizobe lihambisana nombukiso wamabhizinisi amancane abantu abamnyama, iResurgence Conference.
Lo mbukiso, osuselwe kowaseMelika, uzoba se-ICC eThekwini ngoJulayi 17 kuya 21.
Kuzothi ngoJulayi 20 kube nedili lomculo elizokwaziwa ngeResurgence Gospel Fest ezoba khona e-ICC.
Kulo kulindeleke ukuthi osomabhizinisi abancane babukise ngamabhizinisi, hhayi abakuleli kuphela kodwa nabaqhamuka eMelika.
Okunye ngalo mcimbi bazophinde bathole amathuba okuthi bayohweba eMelika.
UMnuz Wiseman Mkhize wenhlangano i-African Global Networks, eyenza lo mcimbi ngokubambisana noMasipala weTheku, uveze ukuthi benze leli dili lomcimbi ngoba bezobe bebungaza izihambeli zabo baphinde bajabulise abakuleli ngomculo walezi zihlabani.
“Laba baculi bazohlangana nezihlabani zaKwaZulu-Natal emculweni wokholo ukuze bajabulise abazobe behambele lo mcimbi. Lona ngumcimbi wokuthi sizothuthukisana njengosomabhizinisi abancane. Siyathemba ukuthi abazowuhambela kukhona abazosizakala khona. Ukuya eMelika sihambele lo mbukiso kwavula amehlo izikhulu zeTheku esasihambe nazo nala kwaqala khona ukuthi sibuye sizowuhlela la eThekwini,” kuchaza yena.
Uthe njengoba lo mcimbi uza okokuqala e-Afrika, ujabule ukuthi ube nesandla ekutheni uze njengoba kukhona osomabhizinisi abadinga ukuvuka abakade sebelahle ithemba.
“Sifuna ukuthi osomabhizinisi baKwaZulu-Natal nabaseMelika kube khona abashintshana ngakho ukuze kubonakale imikhiqizo yabo. Kuza abantu ababalelwa ku-60 abasuka eMelika kulo mbungazo ngakho sibalindele. Abaculi okukhona kubo iClermont Choir, Dumi Mkokstad, Ayanda Ntanzi, Xolly Mncwango, Mnqobi Nxumalo ngabanye babaculi abazonandisa kulo mcimbi,” kuchaza yena.
UWiseman uthe amathikithi okubuka leli dili lomcimbi aseyatholakala eTicket Pro kusuka kuR180 noR480.
Uthe akuthembayo ukuthi lo mcimbi uqhubeke minyaka yonke futhi ukhule.