KUSUKE umsindo kuxabana abaculi bakamaskandi bephendulana ngezinkulumo eziqoshiwe esezisabalale kuFacebook.
Kule ngxabano kuzwakala inkakha kamaskandi uThokozani “Somnandi” Langa ixabana nomculi osemusha emculweni uGqizile Khanyile.
Kuqala inkulumo kaGqizile lapho ezwakala khona ephendula uSomnandi emva kokwethula izinhlelo zomcimbi weNgoma kaZwelonke ezoba ngoJuni 22 nonyaka ePeople’s Park eMoses Mabhida eThekwini.
UGqizile usuke ephendula uSomnandi embuza ukuthi usenaso yini isikhathi njengoba ebebazise ukuthi akazoba yingxenye yezinhlelo ngenxa yokuthi ubesayokwenza umcimbi emulisa amadodakazi akhe.
USomnandi uphendule ngentukuthelo ekhwela edilika kuGqizile ekhala ngokungahlonishwa yilo mculi.
“Mfana wami, usemncane kabi ukuthi ungakhombisa ukungangihloniphi ngalolu hlobo. Ngiqale ukukwazi ngonyaka odlule emculweni njengoba usudelela kanje. Kudala mina ngangiba ngomunye wabantu abenza izinhlelo uma kuzoba nengoma kaZwelonke. Baningi nabanye abaculi bakamaskandi esengike ngasebenzisana nabo okukhona kubona noNgiga nabanye, ebesisebenzisana kahle. Kuyangimangaza ukuthi umfana omncane ngangawe akhulume kanje kumina. Mina ngimdala mfana wami futhi ngisezingeni loyihlo ukuthi ungakhombisa ukungangihloniphi ngalolu hlobo. Sengicabanga nokuyehla eyezinhlelo zalo mcimbi ngiyekele kubanikazi bawo ngenxa yesenzo sakho,” kusho uSomnandi.
Kuthintwa uGqizile ukhale ngokuthi kukhona ozama ukudicilela isithunzi sakhe phansi, wathi akazikhiphanga zonke izinkulumo azikhulume kuleli khasi abaxoxa kulona bengomaskandi.
“Ngisafuna lo okhiphe lezi zinkulumo ngoba besixoxa ekhasini lethu sodwa singomaskandi. Okwesibili akazikhiphanga zonke izinkulumo kodwa uveze lezi eziqhathayo kuphela. Mina bengingalwi nobaba uSomnandi futhi ngiphinde ngaxolisa kuyena emva kokuzwa ukuthi akaphathekanga kahle ngombuzo wami,” kusho uGqizile.
Uthe ubengahlosile okubi ngokubuza uSomandi kanje.
“Mina bengifuna ukuqonda ngoba ubaba uSomnandi ubegcine ethe akazoba yingxenye yezingxoxo zomcimbi ngoba usayoba matasa nomcimbi wokumulisa amadodakazi akhe. Ngizwe esesitshela ngezinhlelo ekubeni umcimbi wamadodakazi akhe ubungakaphothulwa. Akukho okubi ebengikuhlosile ngokumbuza. Ngiyabona ukuthi lo osabalalise lezi zinkulumo ubefuna ukuphazamisa umculo wami njengoba ngizokhipha i-albhamu yami maduze esihloko esithi Emahostela,” usho kanje.