KUSUKELA ngoMsombuluko abalingisi nabadidiyeli bamafilimu nemidlalo yethelevishini ehlukene, ikakhulu eqoshwe yadidiyelwa KwaZulu-Natal, bazokwazi ukufaka izicelo zokuqokwa kumaSimon Mabhunu Sabela: Film and Television Award, akhuza ibuya ihlandla leshumi nonyaka.
Ngokusho kwemenenja yophiko lwezokukhangisa nokuxhumana kwiKZN Film Commission ehlela lo mncintiswano, uMnuz Muzi Ngcolosi, uthe kufana nokuqopheka komlando kubona ukufika kule minyaka ngalo mcimbi wokuklomelisa amaciko kwezokulingisa.
“Kuyisigaba esibaluleke kakhulu lesi kithi ngoba sizobe sikhumbula lapho esiphuma khona nalo mncintiswano osuhlomulise inqwaba yabalingisi abasakhula kule ndima, nabagcina ngokuqhubekela phambili nekhono labo emva kokuklonyeliswa kuwona,” kuchaza uNgcolosi.
Udalule ukuthi kusukela ngoMsombuluko amaciko azokwazi ukufaka izicelo zawo zokungenela eminxeni ewu-23 yanonyaka kuze kuvalwe ngo-Ephreli 27.
“Ngaphandle kweminxa ebivele ikhona, nonyaka sizoqhubeka nomunxa wethu osemusha esiwubiza ngeBest Film Music, lapho kuklonyeliswa khona abantu abahlanganisa umculo osetshenziswa emafilimini,” kusho uNgcolosi.
Ugqugquzele amaciko ukuthi angenele lo mncintiswano ukuze abe yingxenye yakubize ‘ngengqophamlando’ ezokwenzeka kulo nyaka.
“Ngaphandle kwalokho, ngingakuveza ukuthi umcimbi wokuklomelisa abanqobile uzoba ngoJulayi 22, ngesikhathi lapho okuzobe kuqhubeka khona iDurban International Festival njengoba nanamhlanje (esho izolo), siwethule kwiKZN Provincial Film Indaba, okuwumkhuba wethu waminyaka yonke,” kuphetha uNgcolosi.