KUPHELE nasozwaneni kubangani bakaNjabulo “Mshana” Mngomezulu, obedume kwezokungcebeleka, bezwa izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ngoMsombuluko ekuseni.
UMshana, okuthiwa ushayeke phansi ephuma esitolo kade eyothenga izinto zebhizinisi, uzakhele udumo kwezokungcebeleka ngokuba wumphathi wesiteji emicimbini nangokuhlela imicimbi yakhe eThekwini.
Ukushona kwakhe kuqinisekiswe yisitatimende esikhishwe yisitolo sakhe sokudla iKwaMshana Café esiseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, eHoward College.
Sithe ushone sisanda kulungiswa futhi kwenziwa neqhinga elisha lokusimaketha.
“UNjabulo ubejabule ngoshintsho iKwaMshana ebilwenza futhi ejatshuliswa nawukukhula kwesitolo sakhe.”
Owayengumsakazi woKhozi FM, uLinda “Mr Magic” Sibiya uthe ubezitshela ukuthi kudlalwa ngaye ngesikhathi ezwa ngokushona kwakhe.
“Ngithole umyalezo ngenombolo yakhe ngazitshela ukuthi kudlalwa ngami. Ngize ngakholwa uma noJulie Mbambo wasehhovisi lami esengitshela. Intwana iphumule. Idlale enkulu indima kwiMagic Tour. Empeleni kwiMagic Tour abantu abadlale indima enkulu nguJulie noMshana bese kuba uDJ Masiya osijoyine emva kwesikhathi. UMshana ngamnikeza umsebenzi wokuba wu-stage manager nokushayelela amaciko,” kusho uMr Magic.
Uthe ngemuva kweMagic Tour uqashwe ngabahleli abaningi bemicimbi ukuthi azokwengamela isteji emicimbini yabo njengeDurban Jazz Festival, Ukhozi FM Nyus’iVolume, Umgababa New Year’s Picnic neminye.
“Yinto ebingalindelekile ngoba bengisathi ngizobona indawo yakhe yokudla. Egameni leMagic Media Group ngithi akwehlanga lungehliyo emndenini, abangani nabasembonini yezobuciko,” kusho uMr Magic.
Omunye wabangani bakaMshana ongumphathi wabaculi, uMhlo Gumede, umchaze njengomuntu obekhonze amancoko.
“KwiNyus’iVolume isteji sisengamele naye iminyaka sobabili. Wonke umuntu omaziyo uyazi ukuthi ubengumuntu ohlale ezihlekela. Ngiyazi uma kushoniwe wonke umuntu uhlale esho leyo nto kodwa ngempela angimazi engenye into. Ubengumuntu obethanda amancoko kakhulu, ethanda nabangani. Ubazi ukuthi ufunani empilweni nokuyingakho egcine esevula isitolo sokudla iKwaMshana Café. Ubebathanda abangani nomndeni. Udlale indima enkulu kwezokungcebelela kusukela ekwengameleni isiteji, kuya emicimbini nokwenza ama-house party kubo,” kusho uMhlo.
Imininingwane yomngcwabo ibingakaqinisekiswa.