WATHATHA isibindi ngokuminya ibhodlela likagologo waliqeda eyedwa umshayeli wetekisi obhekene necala lokudlwengula abulale intombazane eneminyaka engu-17 ayekade eyeshela.
UMnuz Samkelo Victus Dube (29) usolwa ngokudlwengula abulale umufi, uSibahle Faith Biyela (17), ngokumgwaza esiphongweni ngesikudrayva, esigamekweni okuthiwa senzeka ngo-Okthoba 5, 2020.
UDube kuthiwa wayekade evakashelwe ngumufi endlini yakhe eseFolweni kade embizile ukuthi bazohlala ndawonye baphuze utshwala.
INkantolo eNkulu yaseThekwini ilalele ubufakazi bukaNksz Thandiwe Princess Shange ongumngani kamufi nowayekhona ngosuku lwesigameko.
UNksz Shange ulandise inkantolo ngokuthi yena nomufi bahlangana noDube ehamba ngetekisi ephuma emsebenzini ntambama.
"Wasibuza ukuthi siyaphi samtshela ukuthi siyothenga utshwala somile. Wathi masikhululeke uzosithengela. Ngempela wasithatha saya naye endlini yakhe wase ephuma eyothenga utshwala,'' echaza.
Uthe uDube babemphathise uhlobo oluthile lotshwala kodwa yena wabuya nobunye obunamaphesenti aphezulu nebhodlela likagologo okuyinto ababengazange bavumelane ngokuthi ithengwe.
Uthe inkukhu yawusola umgqakazo ukuthi kukhona itulo aphezu kwalo uDube kodwa bathalalisa.
"Sesisendlini uDube waminya ibhodlela likagologo waliqeda ngokuphazima kweso. Kuyacaca ukuthi wayethatha ngalo isibindi. Ngemuva kwalokho njalo uma umufi eyochama, wayephuma ampopole,'' echaza.
Uthe kunesikhathi lapho uDube eza kuyena wagonyuluka ngokuthi useyahluleka ukuzibamba ngoba uSbahle ufake iphenti elimnyama okuwumbala awuthandayo.
Ube esethi uDube wazenza umuntu ozumekile, kwathi uma sebegoduka wavuka indlobane washaya walimaza kabi umufi emnqabela ukuthi agoduke.
Uthe wazama naye ukulwa noDube kodwa wamehlula ngoba yena ungumuntu wesifazane.
"Esengaphezulu kwami uDube wangigwaza ngesikudrayva ekhanda ngabaleka. Ngezwa ngakusasa ukuthi uDube ugcine embulele uSbahle,'' echaza.
Inkantolo ilalele nobufakazi bephoyisa elafika endaweni yesigameko, uSayitsheni Mjabulelwa Mbeko.
Uthe wafika kunequlu labantu endaweni yesigameko. Ngaphakathi endlini wafica isidumbu sikamufi silele sibheke phezulu, eceleni kwaso kunedamu legazi. Emqaleni kwakunezimpawu zokuthi uke waklinywa.
Uthe isidumbu sasinamanxeba okugwazwa ebusweni nasemzimbeni, amabele ehlezi obala, ubhodisi ukhushuliwe wabekwa ngenhla, efakwe indwangu emhlophe emlonyeni nemilenze kamufi ivuleke kakhulu.
USenior State Advocate Khatija Essack umbuzile ukuthi ngokwakhe isidumbu sasinazo yini izinkomba zokuthi umufi uqale ngokunukubezwa. Uvumile wathi kukhomba lokho ngoba nesitho sangasese sasihlezi obala.
Kuvelile enkantolo ukuthi uDube wayeshayela amatekisi asuka eFolweni eza eThekwini.
Ubekwe amacala amathathu elokubulala, elokushaya ngenhloso yokulimaza nelokudlwengula awaphikile wonke.
Esitatimendeni asenza uDube, uthe wadakwa kakhulu waphaphama ekuseni sekunesidumbu endlini yakhe.
Icala liyaqhubeka.