ZIPHUME zinxapha zodwa eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ezinye izihlobo zomunye wabesifazane abadutshulwa babulawa eKenville, ngasekupheleni kuka-Agasti.
Badinwe baveva bebona ngamehlo abasolwa ababili kuleli cala, uMnuz Lungani Mthethwa (38) noMnuz Sandile Chili (44).
Izidumbu zabafi, oNksz Anele Mbokazi (29) noNksz Zizipho Gabisa (30) zatholwa zidindilizile eKenville ngo-Agasti 25. Babekade behambe nabasolwa ngayizolo.
Abasolwa obekulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili, ababange besasifaka njengoba kuvele ukuthi uChili usezothola ummeli omusha, ozodinga isikhashana ukuthi afundisise okuqukethwe yidokodo.
Abameli abebekhona ngeledlule, abasazoqhubeka nokumela uMthethwa, nabo baveze ukuthi kunezitatimende ezibalulekile uMbuso ongakabaniki zona.
Imantshi, uMnuz Scelo Zuma, ibe isilihlehlisela uSepthemba 17, icala lapho okulindeleke ukuthi abasolwa bafake izicelo zabo zebheyili.
Okhulumela umndeni, uMnuz Mvuselelo Magwaza, uthe wehluleke ngisho nokubabheka abasolwa ngobuhlungu ababalethele bona bewumndeni kaNksz Mbokazi.
“Cabanga ke ukuthi uma kube nzima kimi, ukubabheka, kube nzima kangakanani kodadewethu ukuthi bababheke emehlweni,” kusho uMagwaza.
Uqhube wathi uma kwenzeka bededelwa ngebheyili, kuyobe kusho ukuthi bona bewumndeni bagwazwa enxebeni lisabhibha.
“Kodwa sizowudedela umthetho uklame indima yawo. Sizobheka kuyo inkantolo ukuthi kube yiyo ethatha isinqumo ebona sifanele ngalolu daba,” kusho yena.
Uveze ukuthi kusenzima emndenini kulandela isigameko, wathi abaningi basadidekile futhi basethukile.
Uveze ukuthi isibhedlela obekusebenza kuso uNksz Mbokazi, iNkosi Albert Luthuli Central, naso sinenkonzo yesikhumbuzo esimenzele yona.
Enkantolo bekugcwele izihlobo, abangani namalungu omphakathi kaNksz Mbokazi. Kubona bekukhona nabebegqoke izikibha ezinesithombe ngemumva, zihambisana nombhalo othi Justice for Anele and Zizipho.