KUSOLAKALA ukuthi ubehlulwa wukwamukelwa ukwaliwa omunye wabasolwa ababili, abagasele emndenini waseMangethe, eMandeni ngoMsombuluko, bavulela ngenhlamvu, kwashona amalungu amabili omndeni wembangi, kwasinda oyedwa ophuthunyiswe esibhedlela.
Kulesi sigameko sangoMsombuluko ntambama kushone uMnuz Eric Mthethwa (62) nendodakazi yakhe uNksz Lungisile Dube (43), kwalimala kabi uNksz Phetheni Mthethwa (57), osinde ngokulambisa edubuleka esinqeni nasethangeni.
Elandisa Isolezwe ngokwenzekile, owomndeni, uNksz Sibongile Dube, uthe ubengekho ekhaya ngesikhathi sesehlo, okuthe efika wahlangatshezwa yingane yakwamakhelwane ebikhala, imemeza ikhuza umhlola.
“Kuthe ngingena egcekeni ngazithela kumalume, elele phansi eseshonile, enamanxeba okudutshulwa. Kuthe ngithi qwebu amehlo, ngazithela kumamncane elele phansi, ekhaliswa yizinhlungu, ngazama ukumtatamisa ngimsiza,” usho kanje.
Eqhuba, uthe ubesadideke kanjalo, ezama ukufonela abosizo oluphuthumayo ukusiza umamncane wakhe, ngenkathi ezwa leyo ngane yakwamakhelwane, imemeza futhi imkhombisa esinye isidumbu.
“Kuthe ngisondela ngalapho ebingiyalela khona, ngathola ukuthi udadewethu obelele ngasesimobeni, useshonile. Kuthiwa uzame ukubaleka ngenkathi behlaselwa ekhaya, wafela ngaphandle komuzi lapho bemdubulele khona,” kulandisa uNksz Mthethwa.
Uthe basola ukuthi isehlakalo sidalwe wukuthi omunye wabasolwa ubengafuni ukwamukela ukuthi unina wezingane zakhe wamshiya, waqoma umfowabo oseze wamkhulelisa.
Uthe bakholwa wukuthi abasolwa bebesophe ukuzobulala umfowabo nentombi yakhe, okuthe uma bengabafici ekhaya, baxabana nabomndeni ababafice ekhaya.
“Omunye wabasolwa wumuntu esimaziyo endaweni futhi akukhona okokuqala kwenzeka isimo esinjena. Phambilini wake wazama ukuthungela indlu kamfowethu ngomlilo, salubika udaba emaphoyiseni kodwa kwangaboshwa muntu njengoba manje sekushona abantu abangahlangene nengxabano,”’ usho kanje.
Uthe bakhathazekile ngokubehlele ukuthi ingxabano engentombazane igcine iholela ekufeni kwamalungu omndeni wabo angenacala nangahlangane nesisusa sengxabano.
“Sizohlanganisa amakhanda siwumndeni sizame ukusombulula le nkinga, ngoba kumanje sizizwa singaphephile ngoba asazi ukuthi bazokwenzani uma kwenzeka bededelwa abenzi bobubi,”’ kusho uNksz Mthethwa ekhathazekile.
Ikhansela laku-ward 9, eMakhwanini lapho kwakhele khona umndeni wakwaMthethwa, uMnuz Siphiwe Thwala, lisigxeke kakhulu isenzo sokubulawa kwabomndeni, lathi yisimo esibi kakhulu ebeliqala ukuzwa ngaso emphakathini eliwuholayo.
“Nginxusa abantu ukuthi uma kukhona abangazwani ngakho, bakulungise ngendlela engenalo udlame, hhayi ukubulalana nokulimaza abantu abangenacala,”’ kusho uThwala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa ababili abaneminyaka ewu-27 no-37 ababoshelwe lesi sehlo bazovela namhlanje enkantolo yeMantshi yaseNyoni, eMandeni.