OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, usevaliwe ekusebenziseni amabhanoyi angaphansi kwenkampani iFlySafair, emuva kokuphothulwa kophenyo obelwenziwa yizikhulu zale nkampani.
Ngokusho kwemithombo, iziphathimandla zale nkampani zithathe isinqumo sokumisa lo msakazi emabhanoyini ayo emuva kokubonakala kwi-video ephazamisa ukusebenza kwabasebenzi nabagibeli ngeziqubulo namahubo.
Emasontweni adlule , kusabalale i-video ebikhombisa uNgizwe nabehamba nabo bekhuza izaga futhi besho namahubo besebhanoyini esikhumulweni samabhanoyi saseThekwini, i-King Shaka International Airport.
Ngesonto eledlule oyisikhulu sezokuxhumana kwa-FlySafair, uKirby Gordon, wakuqinisekisa ukuthi bayibonile i-video ebiveza abasebenzi bale nkampani behlangabezana nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili ebhanoyini i-FA196, ngesikhathi kuneqeqebana ebeliphazamisa abagibeli. Uthe iqeqebana liphinde laphula imithetho yokuphepha, okubalwa nokwehluleka ukuhlonipha izimpawu zokugqokwa kwebhande lokuphepha.
“Abophiko lwezokuphepha njengamanje baphothula ukubuyekeza ngesehlakalo. Izinyathelo ezifanele zizothathwa ngokwenqubomgomo yethu, okubalwa nokuvala ngokuzayo abantu ababandakanyekayo emabhanoyini akwa-FlySAfair,” kuphetha uGordon. Esebuzwa kuleli sonto uGordon ukuthi bahambe bagcinaphi nophenyo lwabo, uqale wathi akubuzwe uNgizwe. Exinwa ngemibuzo ugcine esethi uyenqaba ukuphawula kabanzi ngalolu daba ngoba sebeluphothulile ngokulandela inqubomgomo yabo.
“Ngokwenqubomgomo yenkampani, asiphawuli ngodaba oluthinta ikhasimende elilodwa. Ngakho kufanele uthole imininingwane kuMnuz Mchunu. Okwethu ukugxila ekungadaluleni izimfihlo esinazo namakhasimende ethu. Siyakubonga ukuqonda kwakho futhi sizibophezele ekugcineni izinga lokunakekela nokuvikela amakhasimende ethu liphezulu.”
Ethintwa uNgizwe, esikhundleni sokuphendula, uvele wabhoka ngolaka maqede waqhulula intatheli ngenhlamba ngaphambi kokuvala ucingo.
Umhleli walolu hambo lwabebebuya kwiBhinca Day eNyuvesi yase-Cape Peninsula, uSthembiso “Navigator” Gcwensa, wadlulisa ukuphoxeka okukhulu ngalesi sigameko esibandakanya izihambeli zakhe futhi wasigxeka kakhulu.
“Ngesikhathi sesibuyela eKZN, abathize bahlulekile ukulandela imithetho yebhanoyi le-FlySafair. Thina njengenhlangano sidlulisa ukuxolisa kubo bonke abahlukumezeka, ikakhulukazi abenkampani i-FlySafair namakhasimende ayo. Siyaxolisa emphakathini wonkana futhi siyaqinisekisa ukuthi sizothatha izinyathelo ezinqala ukuze ukuziphatha ngale ndlela kungaphinde kwenzeke,” kusho uNavigator.
Ngesonto eledlule, uNgizwe uthe abantu okufanele baxolise ngabanikazi be-FlySafair ngoba bona njengemabhinca babekhuleka kwiLembe ngoba indiza yayisimile.
“Nalesi siphukuphuku esinguNavigator sasingekho endizeni. Uyazifaka ezintweni ayengekho kuzo. Uxoliselani? Uxolisela ukuthandaza?” kubhoka uNgizwe ozishaya isifuba ngokuba wumengameli wamabhinca owagcotshwa yiSilo SamaBandla.
Akukhona okokuqala uNgizwe exabana nabantu esikhumulweni sendiza. Wake wamangalela abaphathi balesi sikhumulo efuna ukunxeshezelwa ngo-R10 million emuva kokubasola ngokulahla phansi ihawu lakhe ngoba belisola ngokuba namatele. Ngebhadi wakhala ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu.