WAYEHLOSE ukuziphindiselela owesilisa ongummangalelwa wokuqala ecaleni labathathu abasolwa ngokubulala iphoyisa bekhala ngokuthi liyabaphazamisa etulweni lokuduna iloli lenyama lakwaChester.
Esigamekwani esenzeka ngonyaka owedlule ngo-Okthoba 20, kusolakala ukuthi abesilisa abathathu balandela iloli lenyama lisuka kwaChester oseMbilo, baze balimisa phakathi nendlela behlisa umshayeli bamfaka ngemuva.
Kwathi uma bemiswa yiphoyisa lomdabu waseNdiya, uWarrant Officer Errol George, balidubula amahlandla amaningi esifubeni laphelela endaweni yesigameko. Kuthiwa bathatha nesibhamu salo bahamba nangemoto yalo iPolo.
Abamangalelwa kuleli cala ngoMnuz Mlungisi Phakamani Mpanza (37) waseMlaza, Mzomuhle Lawrence Gamede (34) waseMbilo, noSabelo Mncube (42) waseNanda.
Izolo, iNkantolo eNkulu yaseThekwini, ilalele ubufakazi obebethulwa nguVuyokuhle Jamujamu owayeyingxenye yetulo kodwa owashintsha, wagcina ekhethe ukuba ufakazi woMbuso.
UJamujamu utshele inkantolo ukuthi uMpanza nguyena ungqondongqondo wetulo lokudunwa kweloli lenyama.
"UMpanza nguyena owasihlanganisa sonke ukuba sibambe inkunzi iloli lenyama. Wayekade esebenza khona kwaChester oseMbilo, waxoshwa. Kithina wathi lena yindlela afuna ukuziphindiselela ngayo,'' usho kanje.
Uthe kwakungekho ezinhlelweni zabo ukubulala iphoyisa elabamisa endleleni. Kodwa uthe babona ukuthi yilona kuphele eselimi endleleni yabo yempumelelo.
Uveze ukuthi ngesikhathi kusaphekwa itulo babevamise ukuhlanganyela emzini kaMpanza oseMlaza, okuyilapho athe babehlanganisa khona amaqhinga.
Eqhubeka ethula ubufakazi, uthe kuyamxaka ukuthi kungani pho uMpanza esehhubhuza akabhejana esethi akamazi.
''Ngiyambuka nje uMpanza eqamba amanga lapha enkantolo ethi akangazi, ungazi kahle futhi mina naye besingamathe nolimi,'' usho kanje.
Lo fakazi kuthe esaphekwa ngemibuzo wezwakala esekhononda ngokuthi abamangalelwa abaphelele, kukhona abanye okumele ngabe nabo bakhona.
"Baphi oSpha benoKhaye? Nabo kumele ngabe bakhona lapha,'' usho kanje.
IJaji uHarrison limbuyisele emgqeni lathi makaphendule imibuzo kamshushisi, uSenior Prosecutor T. Mbokazi, hhayi ukuthi kube uyena ophosa imibuzo enkantolo.
Ngesikhathi ethula ubufakazi uJamujamu, uMpanza ubebonakala embuka emehlweni ejulile.
Laba bamangalalelwa bagcwala amathafa kodwa kwathi amaphoyisa esebophe uJamujamu wase ewalekelela ukuthola umkhondo walaba abanye.
Bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela bafaka nesicelo sebheyili kodwa inkantolo yabachitha.
Icala liyaqhubeka.
Isolezwe lithole ukuthi iloli nemoto yephoyisa kwatholwa lishiywe ngasePinetown. Inyama yasisekhona elolini.