UMA ubona indlela umrepha wakuleli alingisa ngayo efilimini evutshelwe kuleli nguMandla N, esihloko sithi Piano Love, ungazitshela ukuthi konke kwakulula kanti ushaye phansi kwashunqa uthuli.
USenzo “Kwesta” Vilakazi uthe kwakusinda kwehlela kuye.
Nangesikhathi esacelwa okokuqala wuMandla N ukuba azobamba iqhaza kule filimu ekhonjiswa kwiNetflix, uKwesta uthe waqala wanqaba ngoba kuye inkonyane yayisathuka isisinga.
Lo mrepha wengoma ethi Ngud uthe kwadingeka ukuba uMandla N amhlalise phansi, amncenge ngaphambi kokuba avume.
“Ngangisaba, nginetwetwe. Ngangisaba ngempela.”
Uthe emuva kokulingisa kule filimu ufikelwe wumqondo wokuba asale eseqhubeka naleli khono lakhe ebelingaziwa ngaye.
Uthe uzoqhubeka nokuhambela inhlolokhono futhi enze ezinye izifundo eziqondene nokulingisa ukuze agcine esewumpetha womlingisi.
“Lokhu ukuqala komsebenzi wami omusha.”
I-Piano Love ifilimu edingida ngodaba lukaSipho (onguKwesta) noLerato (onguBontle Modiselle-Moloi) abahlanganiswa wumculo ngephutha.
Abantu baqale babuka le filimu endaweni ekhethekile ngoLwesine eHyde Park. UBontle uthe basebenze ngokuzikhandla ngoba bekungelula ukulingisa izindawo eziqavile.
“Bengifisa ukuba neqiniso futhi ngiyazi abantu bazohambisana nendawo engiyilingisayo. Ngiyethemba kuningi abantu abazokufunda ngayo, izigigaba uLerato adlule kuzo kanye nezinqumo zakhe.”
UBontle wengeze ngokuthi kukhona okufanayo phakathi kwakhe noLerato njengokuba manqika njengoba bekufanele athathe izinqumo ezinzima. Indawo kaBontle kwiPiano Love iyafana nezinye izindawo aseke wazilingisa.
“Indawo engizoyilingisa ngokuzayo ngiyethemba ukuthi ngeke ihlangane nomdanso. Ngicabanga ukuthi kuzoba mqoka kimi ukuba ngikhombise ikhono lami ngaleyo ndlela futhi eveza elinye ikhono lami.” Uthe abantu bazombona engekho emkhakheni wokudansa futhi eveza elinye ikhono kodwa akafuni lifake umdanso. Yize uKwesta esekujwayele ukuhamba kukhaphethi obomvu kodwa bekuqala ukuba azozibona elingisa. “Eminyakeni ewu-17 bengiwumculi. Ngakho kumnandi ukwenza into entsha emuva kweminyaka ewu-17. Ngiphumile kwengikujwayele, ngazama into entsha. Ngiyethemba kusebenzile.
Kule filimu kubuye kulingise noLungile Yende oseqalile ukuzakhela igama kule ndima kodwa obeqala ukuvela efilimini ekhonjiswa kwiNetflix futhi ulingisa indawo kanina wengane kaSipho. ULungile waziwa ngendawo ayilingisa kwiSiphetho The Destiny kwi-e.tv. Yize engakabusiswa ngomntwana kodwa uthe imchazile le ndawo. Abanye ababoshelwe kule filimu ngoMoghelingz, Robot Boii noChad Jones. Okunye okuphawulekile ngale filimu ukuthi kudlalwa kakhulu amanoni e-piano. UMandla N uthe le filimu iqale ngoMsombuluko ukuvezwa eLondon, e-UK.