KUKHALWA nxazonke ngokudlula emhlabeni komlisa wokuqala owaphumela obala ngokuthandana nabantu besilisa elokishini KwaMashu, uCynthia kodwa obesaziwa kakhulu ngoMaCool noma ngedlozi laKwaMashu esigcemeni sakwaH.
Abantu abadlulise amazwi enduduzo ngokushona kukaCynthia, obebuya aziwe ngoFito, kubalwa u-Oscar Mncwango.
“Uwile umuthi omkhulu. Nangu owalwela izitabane zaKwaMashu ngeminyaka yo-1980 nasekuqaleni kweminyaka yo-1990. Ngaye baningi abacabanga ukuphumela obala ngale mpilo. Ngingomunye wabo."
U-Oscar uthe uCynthia wayenesibindi sokuphumela obala emini kusatshwa, ngaleso sikhathi ababethandana nabanobulili obufana nobabo babephumela obala ngobudlelwano babo ebusuku.
“Leli lungu lalincintisana namantombazane elokishini kozime futhi liyijaji elaziwayo kumqhudelwano wonobuhle KwaMashu.”
U-Oscar uthe yena noCynthia babebabhonya abesilisa abaqondile uma bebachwensa.
Uthe uCynthia wayedumile KwaMashu ngaleso sikhathi, wake washaya abantu ababemjwayela kabi. Uthe waboshwa wabuye wadedelwa esitokisini.
“Ngokungapholi kwamaseko waphuma kwangathi kunomcimbi we-Pride (okuwumcimbi wabantu abathandana nabantu abanobulili obufana nobabo), ngakubo umphakathi wawujabulile ukuthi intombazane ibuyile futhi yayizivikela.”
Umyalezo wawucacile, “ungangijwayeli ngoba ngiskheshane futhi wangichwensa ngizokudipha ngodiphazane.”