KUSHINTSHWE umthetho wokungenela emncintiswaneni kaMiss South Africa kulo nyaka njengoba izolo kuqalile ukwamukelwa kwezicelo zabafuna ukuthatha isicoco.
Umthetho oshintshiwe ngowokuthi abebengenele ngonyaka odlule bangaphumelela, ngeke bakwazi ukuphinda bazame futhi kulo nyaka. Bangakwazi ukungenela kusuka ngonyaka ozayo.
Njengamanje isicoco sikaMiss South Africa siphethwe nguNatasha Joubert owanqoba esephinda isibili.
“Njengomuntu oke wangenela lo mncintiswano kabili, okubalulekile wukuzazi ngokomoya nangokomqondo,” kweluleka uNatasha.
“Ongenelayo kumele azazi ukuthi yikuphi lapho enamandla khona nokuthi kukuphi lapho exega khona futhi azihlole ukuthi umelana kanjani ngengcindezi noma ukugxekwa. Kumele kube yinto abayaziyo futhi bayisebenze, abakwazi ukugxila kuphela ezimpahleni noma ezintweni abazilwelayo. Ukuzazi kubaluleke kakhulu.”
Uthe uma ijaji likubuza umbuzo ngawe kumele ukwazi ukuziveza ukuthi uwubani.
Uqhube wathi umuntu ongenelayo kumele akhuthale futhi akulindele ukuthi ezinye izinto zishintshwa ngomzuzu wokugcina.
Ukungenela kuvulwe ngoLwesine futhi kuzovalwa ngo-6 ntambama ngoMeyi 8.
Abangenelayo kumele babe neminyaka okungenani engu-20 futhi engaphansi kuka-30 ngaphambi kuka-Agasti 13 2024. Akusakhathalekile ukuthi ungakanani ngomzimba nokuthi ushadile futhi unezingane.
Kungenelwa ngokufaka i-video ezinkundleni zokuxhumana kusetshenziswa I #MissSA2024 baphinde bafake nemingenelo yabo ku-www.misssa.co.za.
Nakulo nyaka kuthiwa kuzoba nohlelo iCrown Chasers lapho abangenele bezobonakala behlungwa. Bazonikezwa okuhlukene okumele bakwenze, amajaji okukhona nelizoba yisimenywa, akhetha abazodlulela esigabeni esilandelayo. Abasele ekugcineni bazoya kowamanqamu ngo-Agasti.
Nyakenye lolu hlelo, kanjalo nolwamanqamu kaMiss SA lwalukhonjiswa kuS3.
Lolu hlelo lwethulwa nguZozibini Tunzi owaba nguMiss South Africa wadlula waba nguMiss Universe.
Amajaji kwakunguBonang Matheba noLeandie du Randt.