UKUBE umculi kamaskandi uGatsheni ubengusopolitiki, akungabazeki ukuthi ngabe ubengomunye wabebeyintandokazi okhethweni lalo nyaka.
Lokhu kufakazelwa yindlela aqashwe ngayo amaqembu epolitiki ehlukene ngesikhathi ekhankasela ukhetho lwalo nyaka.
Iculo lakhe i-Hit after Hit, elidume ngezinhlamvu ezithi: Ngizokuthengela ibhodlela, nalo liphenduke iculo lesizwe njengoba seliculwa yiwona wonke umuntu.
Exoxa ngokukhethekile neSolezwe, uthe naye isamthusile indlela okushintshe ngayo impilo kuyena esikhathini esifushane, futhi ubengazitsheli ukuthi kuzokwenzeka ngale ndlela.
Amaqembu epolitiki, uthe amemukele kahle wonke futhi uze wamangazwa ngisho nayiDemocratic Alliance (DA) ebeyaziwa njengeqembu labamhlophe, athe limamukele kahle ngendlela exakayo.
Ushintsho empilweni yakhe, uthe alugcinanga ngokuthi abe ngumculi ovelele kodwa nesimo sempilo yakubo sishintshe ngendlela eyisimanga.
“Ekhaya ibingekho imfuyo kodwa ngimangalile uma ngibala, ngathola ukuthi sengisebenzise imali engaphezulu kuka-R1 million ngithenga imfuyo. Kumanje nginezinkomo ezingaphezu kuka-100 nezimbuzi. Kwesinye isikhathi ngishaywa wuvalo uma ngicabanga ikusasa ukuthi lingiphatheleni ngoba angilazi. Engiziduduza ngakho yithemba lokuthi abantu bazoqhubeka nokungeseka njengoba benzile,” kusho uGatsheni.
Uthe njengoba kuyiwa okhethweni ngoLwesithathu, ufisela wonke amaqembu epolitiki okuhle nokhetho olunkuthula. Uveze ukuthi naye njengesakhamuzi uzovota ngakubo oPhongolo. Uthe uvele uyavota kodwa ngokhetho lokuqala lwentando yabantu akavotanga ngoba wazalwa ngo-1990.
Njengoba ebematasa ngalolu hlobo eqashwa amaqembu epolitiki ethula imihlahlandlela yokhetho, uthe ngisho isikhathi sokuphumula esanele ubengasitholi.
“Ngosuku bengikwazi ukunandisa emicimbini emine. Abanye bebebethi uma bengibhukha ngibatshele ukuthi selugcwele usuku angisakwazi ukuyonandisa emcimbini wabo. Uthando abebengikhombisa lona bekungukuthi bangitshele ukuthi okungenani bazongilinda noma nginganandisa ebusuku umcimbi usuvalwa. Lokho kusho lukhulu kumina,” usho kanje.
Emicimbini eqhelelene, uthe bekuphoqa ukuthi asebenzise ibhanoyi ukuthi akwazi ukufinyelela kuyona yonke. Nabashayeli bezimoto zakhe ezimyisa emcimbini, uthe ubeseze waqasha ababili ukuze bakwazi ukushintshana ngoba umthwalo ubuhlezi usobhokweni. Uthe kweminye imicimbi abeqashwe kuyona bekuphoqa ukuthi alale eduze kwalapho ezonandisa khona ngakusasa ukuze akwazi ukusheshe asuke aye komunye umcimbi.
Uthe noma engenazo izibalo eziqondile ngobuningi bemicimbi asenandise kuyona emva kokuhlukana konyaka singena ku-2024 kodwa ingaphezulu kuka-300.
Kubalandeli bakhe uthe ngeke abathembise ukuthi kukhona ingoma angayikhipha ethinta ipolitiki.
“Inkinga engibe nayo ukuthi angibanga naso isikhathi esanele sokuhlaziya izinto ezithinta ipolitiki. Noma bengiqashwa ngamaqembu ehlukene epolitiki bekuba wukuthi ngizocula kuphela ngihambe. Nayo ipolitiki anginalo ulwazi olwanele ngayo,” kuqhuba yena.
Ngenxa yodumo uthe kunezindawo angasangeni kuzona esaba ukuphazamisa ngenxa yokuthandwa ngabantu.
“Uma ngifika ezitolo ezinkulu emaMall (enxanxatheleni yezitolo) kuphazamiseka ukusebenza. Abathengi basuke befuna ukuthwebula izithombe nami kanti nabasebenzi babuye bagxume bashiye umsebenzi befuna ukushutha nami. Angiphatheki kahle uma sekwenzeka kanjalo ngoba akunawo umthelela omuhle emabhizinisini. Yingakho ngizikhetha engingena kuzona,” kusho uGatsheni.
Uthe uma sekudlule ukhetho uzophumula ngoJuni, bese ngoJulayi eqala izinhlelo zakhe abezimisile ngenxa yokuba matasa nokuqashwa. Uthe umatasa uvula isikhwama esizosiza abahlwempu njengoba kukhona imindeni aseyibeke eqhulwini ukuthi ayilekelele ngezinsiza. Konke okwenzekile empilweni yakhe kulesi sikhathi, uthe ubengakulindele kodwa ubezishayela ingoma njengenjwayelo kanti izinto zizomchuma.
Muva nje, usanda kuthenga iToyota Fortuner athe iyona imiphumela yokuqashwa kwakhe. Usanda kuhlabana nangeToyota Quantum emncintiswaneni kamaskandi kwiMother of All Maskandi Festival.