KUBANJWE umoya ngempilo yengwazi yomculo we-jazz, uDkt Madala "The King of Zulu Guitar" Kunene, okumanje igqigqa ezibhedlela.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uKunene (73), ugula ngale ndlela yokuthi akasakwazi ukuphila ngekhono lakhe lomculo. Ngaphezu kwalokho, uKunene udinga imali emba eqolo ukuze alashwe lokhu okumphethe.
Usizi lukaKunene selusukumise ngisho inhlangano esiza ngokuqongelela izimali zokutakula abasuke besobishini, iBuckaBuddy. Inhlangano iphume umkhankaso wokuqongelela imali yokuhlangabezana nezindleko zokwelashwa kukaKunene.
Iphephandaba lizibonele umkhankaso osunezinsuku ezintathu uqalile weBackaBuddy obizwa, ngeMadala Kunene Solidarity Fund.
Ubukeka uhamba kahle umkhankaso ngoba kudingeka uR185 000, kodwa lushone usuku lwayizolo sekuqongelelwe imali engaphezu kukaR92 500.
Umgqugquzeli womkhankaso uGy Buttery futhi onguzakwabo kaKunene, ubhale ekhasini leBackaBuddy, ukuthi kunxuswa umphakathi ukuba uphonse itshe esivivaneni ukweseka uKunene.
Uthe uKunene ubhekene nesimo esingesihle empilweni yakhe futhi udinga usizo ukuze alashwe ngokugcwele.
"Ngaphandle kokwelashwa, ukugula kwakhe kuyamnqinda ekwenzeni umsebenzi wakhe ngokugcwele. Ubelashwa nje esibhedlela, yize sibonga ukuthi usekhaya kodwa udinga ukwelashwa," kuchaza uGuy.
Udalule ukuthi uKunene kumele alinde izinyanga eziyisishiyagalombili anduba ahlinzwe esibhedlela. Wathi lokho kumphazamisa ekutheni akwazi ukuyonandisa emakhonsathini nasochungechungeni lwemicimbi e-Europe.
Uqhube wabeka kanje:"Sibala umcimbi omkhulu iWOMAX eManchester, kulo nyaka, okuyingqayizivele yethuba lokuba athole imali ezomphilisa nokondla umndeni.
“Yingakho njengomphakathi sihlanganile sacela usizo ukuze uMadala asheshe ahlinzwe esibhedlela esizimele. Yonke imali ezoqongelelwa kulo mkhankaso izokuya kuMadala futhi izomlekelela ekukhokheleni izindleko zokwelashwa, ukuthenga ukudla okunempilo nezindleko zokuphila."
UKunene odabuka KwaMashu, useke waqopha futhi wasebenzisana nezihlabani ezinjengoGuy, Max Lasser, Debashish Bhattacharyya, Steve Newman, Zawadi YaMungu, Mthuthu Ndebele, Baba Mokoena Serakong, Busi Mhlongo, Mabi Thobejane, The Forest Jam Band, Matthias Abaecherli, Carlo Menet, Jose Neto, Themba Mokoena, Changuito, Syd Kitchen, Madosini, Airto Moreira, Flora Purim nabanye.
Uma udinga imininingwane egcwele ngokuqongelelwa kwemali yokwelapha uKunene, ungabheka kule website: https://backabuddy.co.za/campaign/madala-kunene-solidarity-fund