‘UKUHLALA nokusebenza isikhathi eside nabalingisi abathile kuqinisa ubudlelwano benu, nigcine senifana nomndeni, ngakho kuba yinselelo ukusala wedwa uma beshiya, okudinga ukuthi uqine ukhakhayi ukuze ukwazi ukumelana nalolo guquko.’
Lusho kanjalo uqweqwe lomlingisi we-Generations: The Legacy, uManaka Ranaka enaba ngezinselelo nobunzima abhekane nakho njengoba esesele yedwa kubalingisi besifazane abasayibambile kulo mdlalo, ababekhona mhla uqalwa kabusha ngo-2014.
UManaka (45) ulingisa indawo kaLucy Diale kulo mdlalo, kanti akaconsi phansi kubabukeli bawo, ikakhulu labo abakhule elokishini, ngenxa yendlela enza izinto ngayo nempilo ayiphilayo kuwona, okwenza abakhule nabaphile njengaye bakhuthazeke.
Exoxa neSolezwe ngalokhu uthe: “Ngenye yezinto engiziqhenya ngayo lena ukuthi i-Generations: The Legacy ayisekho mayelana nomkhakha wokukhangisa namabhizinisi kuphela, ngoba ngifike ngenza izinto ezihlukile ezenza umuntu waselokishini nokhule ehlupheka, akhuthale ngoba sixoxa ngezindaba ezimthintayo.”
Kusukela ngo-2014, baningi abalingisi abashiye lo mdlalo kubalwa nabasebenze kakhulu noManaka, okungoZoe Mthiyane (Zitha), Letoya Makhene (Matshidiso), Kope Makgae (Mrekza) noRonnie Nyakale (Cosmo) osanda kushiya kuwona.
“Kuba nzima kakhulu uma kunomlingisi osishiyayo ikakhulu laba ngoba ngisebenze kahle nabo, nokuthi ukuhamba kwabo kuvule isikhala sabalingisi abasha, abanye engisuke ngingabazi kahle ikakhulu laba abasebancane, okuphoqa ukuthi sibeke umsebenzi phambili ukuze sisheshe sijwayelane,” usho kanje.
Lo mlingisi oseneminyaka ewu-30 eyibambile kule ndima, uveze nokuthi nokho ujabule ngokuthi usehlale isikhathi eside kangaka emdlalweni ngoba kule ndima akuyona kwenzeka noma yini.
“Lokhu kukhombisa ukuthi umsebenzi esiwenzayo uyabonakala, okwenza ngikhuthale ukuhlale ngisebenza kanzima ukugcina indawo yami kuwona, kuze kuvele amanye amathuba, nawo engingawajahile ngoba umqondo wami ulana,” kusho uManaka.
UManaka ungudadewabo omdala womsakazi nomethuli wezinhlelo, uDineo Ranaka. Kanti sebeke baba nohlelo lwempilo yomndeni wabo kwithelevishini, oluthi The Ranakas, ngo-2018.
Ngaphandle kwe-Generations: The Legacy, uManaka odabuka eSoweto, ulingise kwiGazi Lami, Stokvel, One Way, Home Affairs, Rhythm City, Zabalaza nagqame ngawo ngo-1999, Isidingo.