UKUHOLA iqembu likayise uthi yinto akhule ingekho emqondweni wakhe uSphelele ‘Ithole Lendidane’ Gcwensa (26) osehola Amageza Amahle okuyiqembu likayise.
Ithole Lendidane lingene emculweni ngo-2020 emva kweminyaka emihlanu kushone uyise, Indidane ngo-2015.
Lithe uyise wayehlala egqugquzela ukuthi liphothule isikole futhi alikaze licule naye.
“Ngisesesikoleni bekwenzeka ngibe semiqhudelwaneni yomculo kamaskandi kodwa bengingasebenzi nobaba. Wayemi ngokuthi angiphothule isikole kuqala bese ngithatha izinqumo ngempilo yami. ngikwazile ukuphothula u-matric ngase ngingena emculweni. Ngesikhathi ngingena emculweni ngo-2020 ngiqale iqembu lami okuyiThole Lendidane. Ngo-2021 ngigcine sengikwazile ukungena eqenjini likababa Amageza Amahle. Ngangingafuni ukuvele ngingene kulona ngenxa yokuthi ushuni kababa awulula, udinga ukuthi ube nethalente ngempela. Nami ngisaqala bekunzima kakhulu kodwa manje sengiqala ukuyijwayela indlela ayecula ngayo,” kusho Ithole Lendidane.
Lithe yize selihola Amageza Amahle kodwa aliliyekile iqembu lalo elizibiza kulona ngeThole Lendidane. Amanye amaqembu kayise njengeThwasa Langempela, neNdidane, alikakangeni kuwona ngaphandle kwaMageza Amahle.
Kuleli qembu lithe libonga abalandeli baMageza Amahle abalesekile kulona ngokunjalo nabaculi ababesebenzisana noyise. Liveze ukuthi okwamanje ngeke lizingene izimpi zikayise nokuvikisana nezimbangi zikayise kodwa linazo izingoma zehawu, okuyinto elikholwa ukuthi yenziwa iwona wonke umculi kumaskandi.
Uma linandisa emicimbini eminingi livamise ukubonakala nesikhwama esifana ncimishi nalesi esasiphathwa nguyise. Libuzwa ngaso lithe yisona impela lesi sikayise. Ngokuphakathi kusona, lithe akukho lutho sekuyisitayela nje ukuthi lisiphathe ngoba lithanda ukuhamba ezinyathelweni zikayise.
Njengoba lihola Amageza Amahle line-albhamu eyodwa elisayikhiphe ngaphansi kwaleli qembu, esihloko esithi: Bacuphe Ukotshi. Maduze lithe lizokhipha eyesibili elipike kuyona uJumbo noSne Ntuli. Eqenjini ligidelwa abafowabo abancane kunalo nabanye bangaphandle. Njengoba lihola leli qembu likayise lihambe ezinyathelweni zikaPotso oqale wahola Amageza Amahle emva kokushona kweNdidane. UPotso usasungula elakhe Amavikela Mbuso nalo elenza kahle kumaskandi.