USOMABHIZINISI waseThekwini, onenkampani yonogada, uCalvin Mathibeli, ungomunye wabakuleli abaphakamisa ukuthi akavikelwe umethuli wohlelo Sizokuthola, ekhonjiswa kuMoja Love.
Lolu hlelo lwethelevishini lwethulwa ngeSonto, nguXolani Khumalo, lapho ehambela imizi yabantu abahlukene abasolwa ngokudayisa izidakamizwa. UXolani nethimba labaqopha uhlelo, sebezakhele ugazi kubabukeli futhi banconywa ngokuba nesibindi sokugasela izidleke zezidakamizwa ezweni.
Muva nje, kuvele ukuthi uXolani nethimba labaqophi kungenzeka babhekane necala lokubulala ngemva kwezindaba zokuthi kunomsolwa owashona ngesikhathi beqopha uhlelo.
UCalvin uthe uzimisele ngokukhipha onogada bakhe ukuze bavikele uXolani nethimba lakhe, wanxusa ukuthi isiteshi kumele singabaxoshi.
“Umsebenzi omuhle lo abawenzayo uXolani nethimba lakhe. Amaphoyisa ahlulekile ukwenza lokhu elikwenzayo leli thimba, ebe azi kahle ukuthi ngobani abadala isihlava sezidakamiswa emphakathini. Izidakamizwa akuzona eziziyela kumuntu kodwa ngumuntu oletha izidakamizwa emiphakathini yethu, acekele phansi intsha yethu. Okunye abantu abathengisa izidakamizwa abazidayiseli ezabo izingane, ngakho uXolani akaqhubeke nomsebenzi wakh. Uma kudingeka onogada abaningi sikhona thina singabaxhasa ngonogada beCalvin and Family Security Services, bangakhokhi lutho,” kuchaza uCalvin.
Uqhube wathi ukuphepha kwezwe yikhona okuhamba phambili futhi bayazibophezela kulokho.
Esitatimendeni esikhishwe yisiteshi iMoja Love, siveze ukuthi kukhona uphenyo abalwenzayo ngaphakathi ngemuva kokuvela kwezinsolo zokuthi owayesolwa ngokudayisa izidakamizwa uRobert “Kicks” Varrie, kuthiwa washona ngemva kokuthelwa ngenduku kuthiwa akakhiphe izidakamizwa okwakusola ukuthi uzithukuse endlini yakhe.
Isigameko kuthiwa senzeka kuqoshwa uhlelo ngoLwesithathu ngeledlule, siphethe ngokushona komlisa okuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela eThelle Mogoerane, eVosloorus, kwagcina kumanele. Amaphoyisa kuthiwa aphenya icala lokubulala.
Iphephandaba eliphuma ngeSonto, iCity Press, liveze ukuthi ithimba labaqopha iSizokuthola, elalihlomile liphelekezelwa wuphiko lomphakathi olulwa nobugebengu iThatha-Zonke, oludume ngokusebenzisa isankahlu esifaniswa naleso esasisetshenziswa ngesikhathi sobandlululo, lagasela emzini kamsolwa.
UNozwakazi Cekete, okhulumela isiteshi uthe kuvela ukuthi isigameko senzeka ngoJulayi 19, eKatlehong, Ekurhuleni, ithimba leSizokuthola lalithole ukuthi kukhona izidakamizwa.
“Esingakuqinisekisa ukuthi ngokwethu ulwazi olutholwe yithimba lalolu hlelo nabantu esasisebenza nabo emphakathini, beluyilona. Siyakuqonda ukuthi ngesikhathi kugaselwa lapho babeya khona ithimba lalihambisana nabomthetho. Umsolwa obenezidakamizwa manje ongasekho emhlabeni wanqaba ukusebenzisana nomthetho nethimba lomphakathi elilwa nobugebengu ababewufake umfaniswano wabo oveza ukuthi bangobani,” kuchaza uNozwakazi.
Uqhube wathi ngemuva kokukhuluma nabomthetho ababekhona nethimba leMoja Love, lona wesilisa wayebuzwa imibuzo ehlukene.
"Sizolinda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sakhe, ukuze kutholakale ukuthi yini eholele ekutheni adlule emhlabeni. Njengesiteshi sizosebenzisana nabaphenyayo njengoba kuqhubeka uphenyo, sidlulisa namazwi enduduzo emndenini wakhe,“ kusho uNozwakazi.
Umengameli weqembu iPatriotic Alliance, uGayton McKenzie akasalanga ngaphandle kwabathi akavikelwe umethuli wohlelo nethimba lakhe. Uthe, bayameseka uXolani nethimba lakhe futhi kumele bavikelwe.